Camagu nkosi yam, ndicela uxolo. Ngalamatyala am endiwenzileyo. Ndicela wena nkosi ndolulele isandla sakho sokunene undilungise #Umthandazo https://www.instagram.com/p/CVkX_aaMdvS/?utm_medium=tumblr

seen from United States
seen from United States
seen from T1
seen from China

seen from Italy
seen from United States
seen from United States
seen from China
seen from China

seen from T1
seen from United States
seen from Denmark
seen from China
seen from Denmark
seen from Russia

seen from United States
seen from Denmark

seen from United States

seen from Italy
seen from United States
Camagu nkosi yam, ndicela uxolo. Ngalamatyala am endiwenzileyo. Ndicela wena nkosi ndolulele isandla sakho sokunene undilungise #Umthandazo https://www.instagram.com/p/CVkX_aaMdvS/?utm_medium=tumblr
Ukuzazi Wena Ngempela Kuphela Ngokuqonda Iqiniso
UWenwen Edolobheni LaseChangchun, Esifundazweni SaseJilin
Ngokombono wami, njalo ngangicabanga ukuthi uma ukwenza izinto kwangaphandle kusabonakala kufanele lapho abantu bengaboni kukhohlakala, khona-ke kwakubhekwa njengokuguquka. Ngakho-ke, nganakisisa kakhulu ukwenza kwangaphandle kukho konke engangikwenza. Ngangikhathalela kuphela ukuthi ukwenza kwami kwakulungile noma cha, futhi kuphela uma ukuziphatha nokwenza kwangaphandle kwakufanelekile, ngangingenankinga. Lapho ngibhekene nokuthenwa, ngangikhathazeka kuphela uma kwakunokuthile okungalungile ngokwenza kwami. Ngangiqiniseka kuphela uma ngiphikiswa ekwenzeni kwami. Ngangingakwamukeli ukuxhumana okwengeziwe ngokubona imvelo yami ekhohlakele. Kamuva, odadewethu nabafowethu bangitshela ukuthi umuntu angaguqula isimo sakhe kuphela ngokwazi imvelo yakhe, nokuthi ngangingayazanga imvelo yami. Ngemva kokulalela amazwi odadewethu nabafowethu, ngaqala ukufunda ukubona imvelo yami. Lapho umuntu ethi, “Lokhu kubonisa ukuzigabisa kubuswa yimvelo yakho yokuzithwala,” ngase ngithi, “O, ngiyazithwala, imvelo yami inokuzithwala!” Omunye wathi, “Lokhu kuziphatha okungavamile nokungalawulwa kubuswa yimvelo yakho embi.” Ngase ngiqhubeka, “O, imvelo yami embi.” Angizange ngicabange ukuthi kwakunzima ukwazi isimo sami kuphela uma ngiphinda izinhlobo zemvelo ezibusa lokhu kuziphatha ngokulandelana kwazo. Uma othile engibuza, “Lokhu kuziphatha kubuswa iyiphi imvelo?” Ngase ngithi, “Ukuzithwala, ububi, isihluku, ubuqili….” Lolu hlobo lwemibuzo nezimpendulo lwalufana nokugcwalisa izikhala ezingenalutho, okwakubonakala kulula kakhulu. Kwagcina ngokuthi odadewethu nabafowethu bangitshele ukuthi ngazi imvelo yami ngokwesilinganiso esikha phezulu. Ngakho, ekuxoxeni kamuva ngokuzibona, ngathi, “Ngizithwele kakhulu, futhi ngokungenamingcele. Ngimubi kakhulu, futhi nginesihluku kakhulu.” Ngacabanga ukuthi ukwengeza ukuthi “kakhulu” ekuziboneni kwami kwangaphambilini kwakuyojulisa ukuqonda kwami. Ngangingacacelwa okushiwo yizimfuneko zikaNkulunkulu ngabantu ukuba babone imvelo yabo, ngakho-ke, lapho ngembula inkohlakalo noma lapho ngibona amazwi kaNkulunkulu embuliwe ngemvelo yomuntu, ngakuqonda kuphela ngokombono wokulandela imithetho; ngangifana nopholi, ophindaphinda amazwi ngokuzibona mina esikhundleni sokuqonda nokwazi ngempela okusuka enhliziyweni. Ngangingazizondi, noma ngangingizwa ukuthi kuyingozi kangakanani. Ngisho nasekuzweni amazwi aqinile avela kuNkulunkulu, angizange ngethuke. Kunalokho, akungikhathazanga, okwenza kwaba nokuguquka okuncane esimweni sami. Ngisho nakuba ngiyisiwula, ngindikindiki, futhi nginezinga eliphansi, uNkulunkulu akangishiyi, kodwa kunalokho, njalo uyangiqondisa futhi angikhanyisele, angihole ukuze ngazi imvelo nengqikithi yami bese ngithola indlela yokuguqula isimo sami.
Ezinsukwini ezimbalwa ezedlule, ngahamba nomfowethu ngaya emndenini omusha osamukele. Lapho sixoxa ngemva kokuya lapho, udade osekhulile emndenini osamukele wakhuluma ngendlela odadewethu nabafowethu ayevame ukubamukela ababembula ngayo inkohlakalo; futhi wakhuluma nangemibono yakhe ngabo. Ngemva kokulalela, angizange ngiphendule noma ngikunake ayekusho, futhi angizange ngikhulume ngeqiniso nodade osekhulile. Lena yindlela isikhathi esahamba ngayo. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, abanye abafowethu ababili ababenza umsebenzi kanye nathi bafika bazohlala nathi izinsuku ezimbalwa. Ngemva kokuba sebehambile, udade osekhulile wakhuluma nathi ngemibono yakhe ngalabo bafowethu ababili, futhi ngaleso sikhathi, ingqondo yami yaphendula: Okuningi kwalokho okushoyo akuhambisani namaqiniso; lokhu konke kuyizinsolo zakho. UNkulunkulu ufuna ukuba odadewethu nabafowethu bathandane futhi basizane. Kufanele ngenze iqiniso futhi ngikhulume iqiniso lokwethembeka kuwe. Ezinsukwini ezimbili ngemva kwengxoxo yethu, udade osekhulile weza kimi futhi wangitshela ukuthi yimiphi imisho yami eyayimkhubile, nokuthi yiziphi izinto engazenza ezamkhuba. Wayikhuluma yonke imicabango yakhe futhi wakhala. Ngibona lokhu, ngacabanga: Usola kakhulu wonke umuntu. Ngalesi sikhathi usola mina. Lokhu akulungile. Kudingeka ukuthi ngikhulume ngokucacile nawe ukuze ungabi nokungisola. Ngakho-ke, ngaba nengxoxo evulekile naye, futhi ngakhomba ngqo imvelo ayeyibonisa kanye nokuziphatha kwakhe kokusola nokwahlulela. Udade osekhulile wabonakala ekwamukela, kodwa wayengenelisekile ngaphakathi. Ezinsukwini ezalandela, wathi unalolu hlobo naloluya hlobo lokugula. Ngibona lokhu, ngacabanga: Awenelisekile ngaphakathi, kodwa wenza sengathi uyakwamukela; ingabe lokhu akusikho ukuzenzisa nokukhohlisa? Kunezifundo ezingafundwa lapho umuntu egula. Kufanele wenze ukuzihlola okuthile, ngokuthi ubusekuguleni okungapheli. Ngokucabanga ngalokhu, ngathola omunye “umthwalo,” okwabangela ukuba ngiphinde ngixoxe nodade osekhulile. Ngamcela ukuba enze ukuzihlola futhi azazi. Nokho, kule ngxoxo, udade osekhulile akazange abukeke kahle. Akazange ngisho azenzise sengathi uyakwemukela. Ngamangala, futhi ngacabanga: Bengikhathalela kakhulu ukuba ngikusize futhi ngaxoxa nawe ngokuphindaphindiwe, kodwa awukwamukeli futhi usola ngisho nami. Ungumuntu ongethembekile kakhulu! Uma ungalamukeli iqiniso, ngubani omunye ongakusiza? Khohlwa, ngeke ngenze lutho, kukuwe. Ngasunduzela kudade osekhulile konke ukugxeka nomthwalo ngicabanga ukuthi wayenobuqili obukhulu; ngangikholwa ukuthi ngingumzalwane olungile owayenza iqiniso, owayezimisele ukusiza odadewethu nabafowethu futhi owayekhathalela intando kaNkulunkulu. Nginjalo, ngangigcwele imibono ngodade osekhulile, futhi wayengeke esaqhubeka nokungilalela.
Ekubhekaneni nale nkinga, kwadingeka ngenze ukuzihlola okuthile: Ingabe nginephutha? Ngangingenzi iphutha ngokusiza udade osekhulile ngobubele lapho ngibona amaphutha akhe. Ingabe kungenxa yokuthi angizange ngethembele kuNkulunkulu? Akunjalo, bengithandaza ngaso sonke isikhathi ngaphambi kokukhuluma nodade osekhulile. Alikho iphutha engilenzile endleleni yami yokwenza izinto, futhi angingakaze ngibe sezimweni ezibucayi njengalesi ngesikhathi ngisiza abanye esikhathini esedlule. Inkinga kufanele ibe kudade osekhulile futhi kungenxa yokuthi akayena ongenacala. Nokho, lapho ngicabanga ngale ndlela, ngazizwa ngikhathazekile. Ngazizwa nginecala ikakhulu lapho ngibona udade osekhulile ehlushwa ukugula kwakhe. Ngangifuna ukumsiza ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami, nokho, ngangingayazi indlela yokubambisana naye. Njengoba ngangingenakho engangingakwenza, ngaya kuNkulunkulu futhi ngacela usizo Lwakhe. Ngafunda amazwi kaNkulunkulu, “Izindebe zakho zinomusa kunamajuba kodwa inhliziyo yakho yimbi ngaphezu kwenyoka yamandulo, ngisho nezindebe zakho zinhle kunezowesifazane waseLebhanoni, kodwa inhliziyo yakho ayinamusa kunaleyo yowesifazane waseLebhanoni futhi-ke ayingefaniswe nobuhle babaseKhenani. Inhliziyo yakho inenkohliso enkulu” (“Isimilo Senu Sibi Kakhulu!” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Amazwi avela kuNkulunkulu athinta inhliziyo yami masinyane. Ngazithola sengizihlola ukuthi yini engangiyenzile ngalezo zinsuku kanye nemicabango engemuva kwalokho. Lapho ngizwa udade osekhulile ekhuluma ngokwahlulela kwakhe abanye odadewethu nabafowethu, angizange ngiphendule ngenxa yokucabanga ukuthi akudokwe eligayelwe mina futhi kwakungeke kungivimbe; lapho ngizwa udade osekhulile ekhuluma ngokubandlulula abafowethu ababili engangibazi, angikwazanga ukulinda phambi kokukhuluma naye ngenxa yokuthi kwakungenzeka ukuthi wayebaqonda kabi; lapho ngizwa ukuthi udade osekhulile unemibono ngalokho engangikushilo nengangikwenzile, ngakunaka ngokwengeziwe ukukhuluma naye ngenxa yokuthi kwakungenzeka abe noma namiphi eminye imibono ngami. Ngangithi ngisiza odadewethu nabafowethu ngokuba nobubele nabo. Iqiniso laliwukuthi ngangifuna ukukholisa nokwehlula abanye ngeqiniso, ngibavale imilomo, futhi ngivimbela abanye ekubeni bangehlulele nokuba baphazamise lokho engikuthandayo. Ngicabanga ngokuziphatha kwami, ngabona ukuthi yayingakhathaleli. Kwakungenzeka kanjani ukuthi kube nengqikithi yothando? Uma ngibheka emuva, angizange ngibonise ububele kudade osekhulile kusukela ekuqaleni, noma ngibonise ukumcabangela. Imvelo yami yayinenzondo ngempela! Udade osekhulile waqala ukwamukela izivakashi kusukela engena emndenini kaNkulunkulu. wayengakaze akhiphe nelilodwa izwi lokukhononda. Ngenxa yokuthi wayevame ukusilela ekuyeni emihlanganweni nasekuhlanganyeleni, wayengakakujulisi ahlangene nakho ekuphileni. Nokho, wayezimisele ukufuna nokufunda amazwi kaNkulunkulu kuphela uma ekhululekile. Njengoba wayengakacaciseleki kahle ngeqiniso, wayebheka ukwahlulela odadewethu nabafowethu ngokubadla izithende kanye nokukhuluma ngamaphutha abo njengemithwalo yabo; wayemane enza izinsolo zakhe ngodadewethu nabafowethu njengenkulumo evulekile. Wayengazi ukuthi yikuphi okwakuwukusola kanye nokuthi yikuphi okwakuyihaba, futhi angizange ngibonise noma yikuphi ukumcabangela. Kungakhathaleki okwesiqu sakhe, ngalwa ngokungakhethi uma nje kubandakanya okuthandwa yimi, futhi ngamcindezela ukuba azazi. Ngintula kakhulu ukucabanga! Yisiphi sizathu esingenza ngingavumeli abanye bangahlulele? Ngisho noma abanye bengakhulumi, ingabe indlela engiphila ngayo ayifani nekaSathane? Yonke into engangiyenzile ngangizenzela mina, futhi kwakungokuzivikela mina. Kuphela uma okuthandwa yini kungaphazanyiswa, ngangingenandaba nabanye. Angizange ngibonise ukucabangela ubuthakathaka babanye, noma ngicabangele ukuthi abanye bazokumela yini engikushoyo noma engikushoyo kuzoba nemiphumela engemihle yini. Indlela engangiphila ngayo yayithonywe yisimo sokukhohlakala kukaSathane. Engangikulethe kubantu kwakuwukulimaza nokuhlasela abantu. Abanye bebangakumela kanjani lokhu? Lokho engangikusho nengangikwenza kwenza uNkulunkulu azizwe enengekile, futhi kwenza uMoya oNgcwele wangasebenza kimi. Ngangingenza kanjani ukuze engikushoyo kube nempumelelo?
UNkulunkulu wathi, “Noma ubani angasebenzisa amazwi akhe kanye nezenzo zakhe ukuze kubonise ubunjalo bakhe. Lobu bunjalo bakhe empeleni buyimvelo yakhe. Uma ungumuntu okhuluma ngokugwegwesa kakhulu, khona-ke unemvelo engaqondile. Uma imvelo yakho inobuqili ngempela, khona-ke indlela owenza ngayo izinto iba nobuqili nobugebengu obukhulu, futhi ubakhohlisa kalula abantu. Uma imvelo yakho iyimbi kakhulu, kungenzeka amazwi akho azwakale emnandi ukuwalalela, kodwa izenzo zakho ngeke zifihle ububi bakho. Uma imvelo yakho inokuvilapha okukhulu, khona-ke konke okushoyo kuyoba okuhloselwe ukugwema ukusolwa nomthwalo wobuvila nangokuzihudula kwakho, futhi izenzo zakho ziyoba ngezonyawo lonwabu nezokuzihudula, futhi ube kahle kakhulu ekufihleni iqiniso. Uma imvelo yakho inozwela kakhulu, khona-ke amazwi akho azoba nokucabangela futhi izenzo zakho ziyovumelana kakhulu neqiniso. Uma imvelo yakho inokwethembeka okukhulu, khona-ke amazwi akho kufanele abe qotho futhi indlela owenza ngayo izinto kufanele ibe nokuthobeka, ngaphandle kokwenza inkosi yakho ukuba ingakwethembi. Uma imvelo yakho inenkanuko enkulu noma ukuhahela imali, khona-ke inhliziyo yakho iyovama ukugcwaliswa yilezi zinto futhi uyokwenza izinto eziphambukile nezinokungcola ungaqondile okuyokwenza kube nzima ngabantu ukuba bazikhohle futhi ngaphezu kwalokho bayonengwa yizo” (“Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (1)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni). Emazwini kaNkulunkulu, ngabona ukuthi indlela abantu abezembula nabaphila ngayo izimpilo zabo ibuswa yimvelo yabo. Uhlobo lwemvelo yangaphakathi ngokungenakugwemeka luyonquma isimo esiboniswa ngaphandle. Uma kunokuthile okubi ngaphakathi, khona-ke ukuziphatha kuzobuswa yimvelo embi, futhi ngeke size sibonise umusa. Lapho inhloso yami yokukhuluma nodade osekhulile yayingalungile, okwakungibusa ngaphakathi kwakungeyena uNkulunkulu, iqiniso noma izinto ezinhle, kodwa kunalokho kwakunguSathane. Indlela engangiphila ngayo yayiwumfanekiso kaSathane. Ngakho, ukukhuluma kwami kwakungeke kuzuzise abanye. Ukube ngangihlangabezane nalolu hlobo lwento esikhathini esedlule, ngangiyogxila ezenzweni zangaphandle; ngangiyocabanga ukuthi angiliholanga ibandla, ukuthi ngangingenzi kahle ekukhulumeni nabanye, futhi ngangiyofuna izizathu eziningi zokungabi necala. Kwaze kwaba namuhla lapho ngabona khona ukuthi izenzo zangaphandle azifezi indima ebalulekile, kodwa kunalokho ukuthi inhliziyo ingabe ilungile yini noma cha. Kubalulekile ukubona ingqikithi yangaphakathi. Ngokwesibonelo, uma othile ethanda ngempela omunye umuntu, uyobheka futhi anake lokho akuthandayo ngehliziyo yakhe, futhi ekugcineni uyoveza uthando lwakhe ngaye futhi amenze ukuba uluzwe. Ukuba ngangithanda odadewethu nabafowethu ngaphakathi, ngangiyonaka kakhudlwana futhi ngibonise uzwelo olwengeziwe ngobunzima babo futhi ngicabangele imizwa yabo, bese ngithatha isinyathelo esifanele futhi ngisebenzise ulimi namazwi afanele ekukhulumeni nabo. Ngisho noma ngangingazixazululi izinkinga zabanye, ngangingeke ngibalimaze. Ngenxa yokuthi alukho uthando ngaphakathi kwami, lokho engikuvezayo ububi, ngisho noma izinto engizenza ngaphandle zizinhle futhi zilungile. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu uyasithanda isintu, akunendaba ukuthi wenzani, kuyisambulo kanye nokubonakaliswa kothando. UNkulunkulu wathi, “Inhloso yokusho kukaNkulunkulu lezi zinto ngeyokuguqula nokusindisa abantu. Kungokukhuluma ngale ndlela kuphela lapho ekwazi khona ukuthola imiphumela ebaluleke kakhulu. Kumele ubone ukuthi izinhloso zikaNkulunkulu ezinomusa zihlelwe ngokuphelele ukuba zisindise abantu futhi konke ezikuvezayo uthando lukaNkulunkulu. Kungakhathaleki ukuthi ukubuka ngasohlangothini lokuhlakanipha emsebenzini kaNkulunkulu, ohlangothini lwezinyathelo namaphethini omsebenzi kaNkulunkulu, ohlangothini lobude besikhathi somsebenzi noma ukunemba kwamalungiselelo nezinhlelo—konke kuveza uthando Lwakhe. Ngokwesibonelo, abantu bonke banothando lwamadodana namadodakazi abo futhi ukuze bavumele izingane zabo zihambe endleleni efanele, bonke bafaka amandla amaningi. Lapho bethola ubuthakathaka bezingane zabo, bakhathazwa ukuthi uma bekhulumela phansi, izingane zabo ngeke zilalele bese zingakwazi ukuguquka, futhi bayakhathazeka ngokuthi uma bekhuluma ngokuqine ngokwedlulele, bayolimaza ukuzethemba kwezingane zabo bese izingane zingakwazi ukukumela lokho. Ngakho, konke lokhu kwenziwa ngaphansi kwethonya lothando futhi kuthatha ukuzimisela okuningi. Nina eningamadodana namadodakazi kungenzeka ukuthi niluzwile uthando lwabazali benu. Akubona kuphela ubumnene nokucabangela okuwuthando, kodwa nangaphezu kwalokho, ukusola okuqinile kuwuthando. UNkulunkulu ikakhulu ungaphansi kwethonya lothando lwesintu futhi ungaphansi kwesibophezelo sothando. Ngakho, wenza konke angakwenza ukuze asindise abantu abakhohlakele. Akabhekani nabo ngokukha phezulu nje, kodwa wenza izinhlelo eziqondile, ezisekelwe esinyathelweni. Ngokwesikhathi, indawo, iphimbo lezwi, indlela yokukhuluma, nobungako bomzamo owenziwe…, ungathi konke kwembula uthando Lwakhe, futhi kuchaza ngokwanele ukuthi uthando Lwakhe lwesintu alunamkhawulo futhi alunakuqhathaniswa. Futhi abantu abaningi basho amazwi okuvukela lapho besovivinyweni lwabenzi bomsebenzi futhi bekhononda. Kodwa uNkulunkulu akangeni ekuphikisaneni ngalezi zinto, futhi ngokuqinisekile akabajezisi abantu ngalokhu. Ngenxa yokuthi uthanda abantu, uthethelela konke. Ukuba ubenenzondo nje kunothando, khona-ke ubeyobalahla abantu ngaphambi kwalokhu. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu unothando, akasusi mpikiswano, kodwa uyabekezela, futhi uyakwazi ukubona ubunzima babantu. Lokhu kungukwenza ngokuphelele konke ngaphansi kwethonya lothando. (“Uyaluqonda Uthando LukaNkulunkulu Lwesintu?” encwadini ethi Umlando Wezinkulumo ZikaKristu). Ingqikithi kaNkulunkulu iwuthando, ngakho ukubonakaliswa kukaNkulunkulu nakho kuwuthando. Uthando lukaNkulunkulu ngabantu aluboniswa ngomlomo, kodwa lubonakaliswa ngokoqobo emsebenzini Wakhe, kuzo zonke izinyathelo zomsebenzi Wakhe, kanye nasezindleleni zomsebenzi Wakhe. Ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani nokuthi nini kumuntu ngamunye, yibaphi abantu, izinto noma izehlakalo azihlelela yena nokuthi uyomcwenga isikhathi eside kangakanani, konke kubonisa ukuhlela okunembayo nomzamo wenkuthalo kaNkulunkulu. Wonke umsebenzi ongokoqobo kaNkulunkulu ubonisa uthando Lwakhe olumsulwa ngabantu bonke. UNkulunkulu uthanda abantu kuze kube sezingeni lokuthi usebenzisa onke amandla akhe ukusisindisa, ubekezelela ukungamqondi ngokuyikho kwethu nokumphikisa, futhi ubekezelela aphinde athethelele ubuwula nokungazi. Konke lokhu kwenza ngibone ubukhulu nokuhlonipheka kukaNkulunkulu. Uma kuqhathaniswa, lokho engikuphilile kuyisimo sobusathane esibi nesenyanyekayo. Ekuboneni konke lokhu, ngabelana ngokuvulekile lezi zinto ezimbi ezisenhliziyweni yami nodade osekhulile. Lokhu kuhlukana phakathi kwethu kwasuswa ngokungaqondakali. Ngibonga uNkulunkulu ngokusuka ekujuleni kwenhliziyo yami. Udumo malube kuNkulunkulu.
Phambilini, ukuzazi kwami kwakungamagama nje. Kwakuwulwazi engangilufunde ngokulucula, futhi ngangingayazi imvelo yami ngokokwambulelwa kwami amazwi kaNkulunkulu. Ngiyakuqonda namuhla ngenxa yokuhlangenwe nakho kwami. Lapho umuntu ekhohlakaliswe uSathane, imvelo yakhe iba yimvelo kaSathane. Kungakhathaleki inkulumo, isenzo, noma imicabango, konke kubuswa yimvelo yobuntu. Umuntu angabhekana nesimo sakhe sokukhohlakala futhi kancane kancane asiguqule, uma kuphela eyibona imvelo yakhe. Uma umuntu engenalo ulwazi ngemvelo yakhe, angabhekana kuphela ngokungazi nokubuswa yimvelo kaSathane futhi avukele bese emelana noNkulunkulu—ingasaphathwa eyokuthi ngeke aguqule isimo sakhe. Kusukela manje kuye phambili, ngizoguqula izindlela ezimbi ebengizisebenzisa ngaphambili zokunaka kakhulu izinto ezenziwa ngaphandle. Ngizozama ukungazikhathazi ngezinto ezenziwa ngaphandle, futhi ngeke ngisekele ukwazi imvelo yami ekulandeleni imithetho. Ngokwethembeka nangobuqotho ngizokwemukela ukwahlulela nokusola kukaNkulunkulu, ngizoyazi imvelo yami, futhi ngibone ngempela imvelo yami ngezambulo zamazwi kaNkulunkulu ukuze ngiguqule isimo sami ngokushesha okunokwenzeka, bese ngisindiswa uNkulunkulu.g w
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Mayelana Nenqubo Yokuthandaza
Aninaso isikhathi sokuthandaza empilweni yenu yansuku zonke. Abantu bahlezi bengawunaki umthandazo. Imithandazo yabo yayivame ukuchitha icala nje phambi kukaNkulunkulu. Akekho owayeke anikele ngokupheleleyo ngenhliziyo yakhe phambi kukaNkulunkulu futhi axoxe ngomkhuleko oyiqiniso noNkulunkulu. Abantu bathandaza kuNkulunkulu uma kwenzeke okuthile kuphela kubona. Kuso sonke lesi sikhathi, uke wathandaza ngokweqiniso kuNkulunkulu? Uke wakhala izinyembezi zobuhlungu phambi kukaNkulunkulu ngaphambilini? Uke wathola ukuzazi phambi kukaNkulunkulu? Uke waba nesikhathi sokuthulula konke okusenhliziyweni yakho phambi kukaNkulunkulu? Ukuthandaza kuza ngokuzijwayeza: Uma ungavamile ukuthandaza ekhaya, ngeke ukwazi ukuthandaza uma ususenkonzweni, futhi uma ungavamile ukuthandaza phambi kwabantu abancane, ngeke futhi ukwazi nokuthandaza phambi kwabantu abaningi. Uma ungavamile ukuzisondeza eduze noNkulunkulu noma ukuzindla ngamazwi kaNkulunkulu, lapho-ke ngeke ube nalutho ozolusho uma sekuyisikhathi sokuthandaza—futhi ngisho noma uthandaza, kuyoba wenza ngezindebe zakho nje; uyobe ungathandazi ngokweqiniso.
Kusho ukuthini ukuthandaza kweqiniso? Kuchaza ukukhuluma amazwi angaphakathi kuwena uwatshela uNkulunkulu, kanye nokuxhumana noNkulunkulu usuyiqonda kahle intando yaKhe futhi loku ukususela emazwini aKhe; kuchaza ukuzizwa useduze noNkulunkulu, uzwe sengathi uphambi kwaKho, futhi unokuthile ongakusho kuYe; futhi kuchaza ukuba nenkazimulo enkulu ngaphakathi enhliziyweni yakho, kanye nemizwa yokuthi uNkulunkulu muhle ngempela. Uyozizwa unentshisekelo ngokukhethekile, futhi emva kokuzwa amazwi akho abazalwane bakho bayozizwa benelisekile, bazozwa sengathi amazwi akho akhulume lokho obekusezinhliziyweni zabo, amazwi abebefisa ukuwasho, kanye nokuthi lokho okushilo kumele lokho abafuna ukukusho. Kusho lokhu-ke ukuthandaza kweqiniso? Emva kokuba usuthandaze ngokweqiniso, enhliziyweni yakho uzozwa unokuthula, udelisekile; amandla kaNkulunkulu azonyuka, futhi uzozwa ukuthi ayikho into empilweni yakho yonke ebaluleke noma edlula ukuthanda uNkulunkulu—futhi konke lokhu kuzofakazisela ukuthi umthandazo wakho ube yimpumelelo. Uke wathandaza ngale ndlela?
Ayethini amazwi omthandazo wakho? Kufanele uthandaze, kancane kancane, ngokuhambisana nesimo sakho sangempela kanye nalokho okuzokwenziwa nguMoya oNgcwele, futhi kufanele uxoxisane noNkulunkulu njengokwentando kaNkulunkulu nezimfuno zaKhe kumuntu. Uma uqala ukuzejwayeza ukuthandaza, qala ngokunikela inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Ungazami ukubamba intando kaNkulunkulu; zama kuphela ukukhuluma amazwi angaphakathi enhliziyweni yakho uwatshele uNkulunkulu. Lapho uza phambi kukaNkulunkulu, khuluma kanje: “Awu Nkulunkulu! Ngibona namhlanje ukuthi angikulalelanga Wena. Ngimubi futhi ngiyenyanyeka ngempela. Ngaphambilini, bengichitha isikhathi sami; kusukela namhlanje ngizokuphilela, ngizophila impilo enenhloso, ngenelise intando yaKho. Ngifuna ukuba uMoya waKho usebenze njalo ngaphakathi kimina, futhi uhlale njalo ungikhanyisa futhi ungikhanyisela, ukuze ngibe nobufakazi obunamandla phambi kwaKho, ngivumele uSathane abone udumo lwaKho, ubufakazi baKho, kanye nobufakazi bokunqoba kwaKho ngaphakathi kithina.” Uma ukhuleka ngale ndlela, inhliziyo yakho izokhululwa ngokuphelele, uma usukhuleke ngale ndlela, inhliziyo yakho izoba seduze noNkulunkulu, futhi ngokukhuleka ngale ndlela njalo, uMoya oNgcwele uzosebenza kuwena ngaphakathi nakanjani. Uma ngaso sonke isikhathi ubiza uNkulunkulu ngale ndlela uhambise iziphakamiso zakho phambi kukaNkulunkulu, kuyofika usuku lapho isiphakamiso sakho siyokwamukeleka phambi kukaNkulunkulu, lapho inhliziyo yakho nawe uqobo sewamukelwe nguNkulunkulu, futhi bese upheleliswa nguNkulunkulu. Umthandazo ubaluleke kakhulu kuwena . Uma uthandaza, uthola umsebenzi kaMoya oNgcwele, inhliziyo yakho ngakho-ke ithintwa nguNkulunkulu, kanti namandla othando lukaNkulunkulu ngaphakathi kuwena ayavela. Uma ungathandazi ngenhliziyo yakho, uma ungavuli inhliziyo yakho ukuze ukhulume noNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu akakwazi ukusebenza ngaphakathi kuwena. Uma, usuthandazile, ukhulume wonke amazwi angaphakathi enhliziyweni yakho futhi uMoya kaNkulunkulu ungasebenzanga, uma uzizwa ungenantshisekelo ngaphakathi kuwena, lokhu-ke kukhomba ukuthi inhliziyo yakho ayiqinisekanga, ukuthi amagama akho awalona iqiniso, futhi ayihlanzekanga. Uma, usuthandazile, uzizwe udelisekile, kusho ukuthi imithandazo yakho yamukeliwe nguNkulunkulu noMoya kaNkulunkulu usebenzile ngaphakathi kuwena. Njengomuntu osebenza phambi kukaNkulunkulu, awukwazi ukuhlala ungenayo imithandazo. Uma ubona ukukhulumisana noNkulunkulu njengento enokubaluleka neyigugu, pho ungakwazi ukuwulahla umthandazo? Akekho ongaphila ngaphandle kokukhulumisana noNkulunkulu. Ngaphandle komthandazo, uphila enyameni, uphila ngaphansi kobugqila bukaSathane; ngaphandle komthandazo wangempela, uphila ngaphansi kwethonya lobumnyama. Ngethemba ukuthi abazalwane bayakwazi ukuthandaza kwangempela usuku nosuku. Lokhu akukona ukuthobela izimfundiso, kodwa-ke, umphumela okufanele ufezekiswe. Ingabe uzimisele ukuzincisha ubuthongo nokuzijabulisa wena, wenze umthandazo wasekuseni entathakusa bese uthokozela amazwi kaNkulunkulu? Uma uthandaza ngenhliziyo emsulwa futhi udla uphuza amazwi kaNkulunkulu kanje, uzokwamukeleka kakhudlwana Kuye. Uma ukwenza lokhu njalo ekuseni, uma zonke izinsuku, uzejwayeza ukunikeza inhliziyo yakho kuNkulunkulu, uxoxa futhi uxoxisana Naye, lapho-ke ulwazi lwakho ngoNkulunkulu nakanjani luzokwanda, futhi uzokwazi ukuzwa kangcono intando kaNkulunkulu. Kufanele uthi: “Awu Nkulunkulu! Ngifuna ukugcwalisa isibopho sami. Ukuze Wena udunyiswe kithina, futhi uthokozele ubufakazi kithina, kuleli qembu labantu, akukho engingakwenza ngaphandle kokunikela isiqu sami sonke kuWe. Ngiyakunxusa ukuba usebenze ngaphakathi kithina, ukuze ngikuthande ngeqiniso futhi ngikwenelise Wena, futhi ube yilokhu engikulangazelele.” Uma unalo mthwalo, uNkulunkulu nakanjani uzokwenza upheleliswe; akufanele uzithandazele wena kuphela, kodwa futhi uthandazele ukwenza intando kaNkulunkulu, kanye nokuba umthande. Lowo-ke umthandazo weqiniso. Ingabe uthandazela ukuba wenze intando kaNkulunkulu?
Ngaphambilini, naningakwazi ukuthandaza, futhi ningawunaki umthandazo; namuhla, kufanele nenze konke okusemandleni ukuba niziqeqeshele ukuthandaza. Uma ungakwazi ukuthola amandla ngaphakathi kuwena okuba uthande uNkulunkulu, pho ungathandaza kanjani? Kufanele uthi: “Awu Nkulunkulu! Inhliziyo yami ayikwazi ukukuthanda ngokweqiniso, ngifisa ukukuthanda kodwa anginawo amandla. Ngenzenjani? Ngifisa ukuba uvule amehlo ami angokomoya, ngifisa uMoya waKho uthinte inhliziyo yami, ukuze uma ngiphambi kwaKho kusuke konke ukunganaki, futhi ngingavinjwa muntu, nalutho, noma nani na; inhliziyo yami ngiyeneka phambi kwaKho, kangangokuthi isimo sami sonke ngisinikele phambi kwaKho, ukuba ungangihlola nangayiphi indlela ofisa ngayo. Manje, ngisusa yonke imicabango yami, futhi angiboshwanga nawukufa. Ngisebenzisa inhliziyo yami ekuthandayo, ngifisa ukufuna indlela yokuphila. Zonke izinto nezimo zisesandleni saKho, ikusasa lami lisezandleni zaKho, futhi, phezu kwalokho, impilo yami ilawulwa yizandla zaKho. Manje, ngilangazelele uthando lwaKho, kungakhathalekile noma uyangivumela ukuba ngikuthande, kungakhathalekile ukuthi uSathane ungenelela kangakanani, ngizimisele ukukuthanda.” Lapho uhlangabezana nezinto ezinje, uthandaza ngale ndlela. Uma wenza nje zonke izinsuku, amandla okuthanda uNkulunkulu azokhula kancane kancane.
Umuntu ungena kanjani emthandazweni wangempela?
Ngenkathi uthandaza, inhliziyo yakho kufanele ibe nokuthula phambi kukaNkulunkulu, futhi kufanele ibe nokuqiniseka. Ukhuluma futhi uthandaza uNkulunkulu ngokweqiniso; akufanele ukhohlise uNkulunkulu ngamazwi amnandi nashelelayo. Umthandazo kufanele ube ngumongo walokho uNkulunkulu afisa ukukufeza namhlanje. Cela uNkulunkulu akulethele ukukhanyiseleka nenkazimulo enkulu, futhi akunikeze isimo kanye nezinkinga zakho njengoba kunjalo, wenze isiphakamiso phambi kukaNkulunkulu. Umthandazo akukona ukulandela izinqubo, kodwa ukufuna uNkulunkulu usebenzisa inhliziyo eqinisekile. Cela uNkulunkulu avikele inhliziyo yakho, ayenze ikwazi ukuba noxolo njalo phambi kukaNkulunkulu, akwenze ukwazi ukuzazi, kanjalo nokuzicasukela, ulahle umina endaweni uNkulunkulu akubekele yona, ngaleyo ndlela ube nobudlelwane obuhle nobujwayelekile noNkulunkulu akwenze ube umuntu omthanda ngokweqiniso uNkulunkulu.
Yini ukubaluleka komthandazo? Umthandazo enye yezindlela umuntu asebenzisana ngazo noNkulunkulu, yindlela umuntu abiza ngayo uNkulunkulu, futhi yinqubo umuntu athintwa ngayo uMoya kaNkulunkulu. Kungashiwo ukuthi labo abangenawo umthandazo ngabafile emoyeni, ubufakazi bokuthi abanazo izindlela zokuthintwa uNkulunkulu. Ngaphandle komthandazo, abantu abakwazi ukuthola impilo yomoya ejwayelekile, futhi abakwazi nokulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele; ngaphandle komthandazo, balimaza ubudlelwane babo noNkulunkulu, futhi abakwazi ukuthola imvume evela kuNkulunkulu. Uma ungumuntu okholwa kuNkulunkulu, ngenkathi uthandaza kaningi, kungale nkathi uzothintwa uNkulunkulu. Abantu abafana nalaba baneziphakamiso ezinkulu futhi bayakwazi ukuthola njalo ukukhanyiselwa okuvela kuNkulunkulu; ngenxa yalokho ngabantu abafana nalaba kuphela abakwazi ukupheleliswa ngokushesha nguMoya oNgcwele.
Yini efezwa ngumthandazo? Abantu bayakwazi ukwenza umkhuba wokuthandaza baqonde ukubaluleka komthandazo, kodwa umphumela ofezwa umthandazo awuyona into encane. Umthandazo akukona nje ukwenza izinqubo zenjwayelo, noma imidanti, noma ukulolozela amagama kaNkulunkulu, okusho ukuthi, umthandazo awuchazi ukubiza amagama noma ukulinganisa abanye abantu. Emthandazweni, kufanele unikele inhliziyo yakho kuNkulunkulu, wabelane ngamagama asenhliziyweni yakho ukuze ukwazi ukuthintwa uNkulunkulu. Ukuze imithandazo yakho ibe nempumelelo, kufanele igxile ekufundeni kwakho amazwi kaNkulunkulu. Kungenxa yokuthandaza phakathi kwamazwi kaNkulunkulu kuphela lapho uzokwazi khona ukuthola ukukhanyiseleka nenkazimulo ethe xaxa. Umthandazo weqiniso ubonakala ngokuba nenhliziyo elangazelele izimfuno ezishiwo uNkulunkulu, kanye nokuzimisela ukugcwalisa lezi zimfuno; uzokwazi ukuzonda konke lokho okuzondwa uNkulunkulu, ngenxa yolwazi onalo, futhi uzokwazi uphinde ucacelwe kahle mayelana namaqiniso achazwa nguNkulunkulu. Uma unesiphakamiso, nokholo, nolwazi, kanye nendlela yokuphila emva kokuthandaza—lokho-ke ukuthandaza kweqiniso, futhi umthandazo onjengalowo osebenzayo. Kodwa umthandazo kufanele wakhelwe phezu kwesisekelo sokuthokozela amazwi kaNkulunkulu nokukhuluma noNkulunkulu ngamazwi aKhe, inhliziyo yakho ikwazi ukufuna uNkulunkulu kanye nokuba nokuthula phambi kukaNkulunkulu. Umthandazo onjengalowo sewuvele ufinyelele lapho kunokukhuluma noNkulunkulu kweqiniso.
Ulwazi oluyisisekelo ngokuthandaza:
1. Ungavele usho noma yini efika engqondweni. Kufanele kube nokuzisola enhliziyweni yakho, okuchaza ukuthi, kufanele ube nenjongo lapho uthandaza.
2. Imithandazo yakho kufanele ibe namazwi kaNkulunkulu; kufanele igxile emazwini kaNkulunkulu.
3. Uma uthandaza, akufanele ubuyele kokwakudala; akufanele ulokhu ubuyela ezintweni esezadlula. Kufanele uzifundise ngokukhethekile ukukhuluma amazwi amanje kaMoya oNgcwele; yilapho kuphela-ke lapho uzoba nokuxhumana noNkulunkulu.
4. Umthandazo weqembu kufanele ube nomongo, okufanele ube ngumsebenzi kaMoya oNgcwele namuhla.
5. Bonke abantu kufanele bafunde indlela yokuthandazela into ethile. Kufanele uthole phakathi kwamazwi kaNkulunkulu lezo zingxenye ezimayelana nalokho ofisa ukukuthandazela, futhi ngaphezu kwalokho uthwale umthwalo bese uthandaza kaningi ngalokhu. Lokhu kuyindlela futhi yokukhombisa ukucabangela intando kaNkulunkulu.
Umthandazo womuntu usekelwe ekuqondeni ukubaluleka komthandazo kanye nolwazi oluyisisekelo somthandazo. Umuntu kufanele kaningi athandazele ukusilela kwakhe empilweni yakhe yansuku zonke, athandazele kaningi amaphutha akhe, athandezele ukuletha inguquko esimweni sakhe empilweni, bese ethandaza esisekelweni solwazi lwamazwi kaNkulunkulu. Umuntu ngamunye kufanele asungule eyakhe impilo yomthandazo, kufanele athandazele ulwazi olugxile emazwini kaNkulunkulu, kufanele athandaze ukuze afune ulwazi lomsebenzi kaNkulunkulu. Neka isimo sakho phambi kukaNkulunkulu, ube nokuqiniseka, unganaki indlela yemidanti; okusemqoka ukuthola ulwazi lwangempela, kanye nokuba namava kaNkulunkulu. Noma ubani ofuna ukungena empilweni yangokomoya kufanele akwazi ukuthandaza ngezindlela eziningi. Umthandazo wokuthula, ukuninga ngamagama kaNkulunkulu, ukuthola ukwazi imisebenzi kaNkulunkulu, nokunye nokunye—lo msebenzi ogxilile wokukhulumisana, ukuze ukwazi ukuthola ukungena empilweni yomoya ejwayelekile, ukwenza isimo sakho ngaphambi kukaNkulunkulu sibe ngcono nangcono, nokudala inqubekelaphambili enkulu empilweni yakho. Ngamafuphi, konke okwenzayo—noma ngabe udla noma ngabe uphuza amazwi kaNkulunkulu, noma ukuthandaza ngokuthula noma ukuthandaza uphimise—ukuze ubone ngokucacile amazwi kaNkulunkulu, nomsebenzi waKhe, kanye nalokho afisa ukukufeza kuwena. Okubaluleke kakhulu, kungenxa yokufuna ukufikelela ezingeni uNkulunkulu alifunayo kanye nokudlulisela impilo yakho ezingeni elilandelayo. Izinga eliphansi kakhulu uNkulunkulu alidingayo kubantu ukuba bakwazi ukumvulela izinhliziyo zabo. Uma umuntu enikeza inhliziyo yakhe ngokweqiniso asho lokho okungaphakathi kuyena kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu uzimisele ukwenza umsebenzi kumuntu; uNkulunkulu akafuni inhliziyo yomuntu esontekile, kodwa ufuna inhlizyo yakhe emsulwa nethembekile. Uma umuntu engakhulumi ngokweqiniso athulule inhliziyo yakhe kuNkulunkulu, lapho-ke uNkulunkulu akayithinti inhliziyo yomuntu, noma asebenze ngaphakathi kuyena. Yingakho, into ebaluleke kakhulu mayelana nokuthandaza ukukhuluma amazwi eqiniso asenhliziyweni yakho kuNkulunkulu, utshele uNkulunkulu amaphutha akho noma isimo sokungalaleli kanye nokuzeneka ngokuphelele kuNkulunkulu. Yilapho kuphela-ke uNkulunkulu eba nentshisekelo emithandazweni yakho; uma kungenjalo, uNkulunkulu uzofihla ubuso baKhe kuwena. Uhlaka oluncane oludingekayo lomthandazo ukuthi kufanele ukwazi ukuba nokuthula enhliziyweni yakho ngaphambi kukaNkulunkulu, futhi akufanele isuke kuNkulunkulu. Mhlawumbe, ngalesi sikhathi, awukatholi umbono omusha nophakeme, kodwa kufanele usebenzise umthandazo ukugcina izinto njengoba zinjalo—awukwazi ukuhlehla. Lena yinto encane okufanele ukwazi ukuyenza. Uma ungakwazi ukufeza ngisho nalokhu, lokho kufakazela ukuthi impilo yakho yangokomoya ayikabi sezingeni elifanele; ngenxa yalokho, awukwazi ukubambelela embonweni wakho wasekuqaleni, futhi awunalo ukholo lukaNkulunkulu, isiphakamiso sakho siyanyamalala ngenxa yalokho. Ukungena kwakho empilweni yangokomoya kuphawulwa ngukuthi imithandazo yakho isingenile endleleni elungile. Bonke abantu kufanele bangene kulesi simo, kufanele benze wonke umsebenzi wokuziqeqesha emthandazweni, hhayi ukulinda nje ngokunganaki, kodwa ukufuna ngokunenhloso ukuthintwa nguMoya oNgcwele. Yilapho kuphela lapho abantu bezoba abantu abafuna uNkulunkulua.
Uma uqala ukuthandaza, kufanele ube nokungokoqobo , futhi ungazinwebi kakhulu; awukwazi ukwenza izimfuno eziphoqayo, uthembe ukuthi uma uvula umlomo wakho uzothintwa uMoya oNgcwele, ube ngokhanyiselekile nonenkazimulo, futhi ogcwaliswe umusa. Lokho angeke kwenzeke—uNkulunkulu akazenzi izinto ezingezona ezenyama. UNkulunkulu ufeza imithandazo yabantu ngesikhathi saKhe futhi kwesinye isikhathi uhlola ukholo lwakho ukuze abone ukuthi uthembekile na kuYe. Uma uthandaza kufanele ube nokholo, ukubekezela, kanye nesiphakamiso. Uma beqala ukuziqeqeshela ukuthandaza, abantu abaningi abazizwa sengathi bathintwe uMoya oNgcwele bese belahlekelwa yithemba. Lokho akwamukelekile! Kufanele ube nokuphikelela, kufanele ugxile ekuzweni ukuthintwa nguMoya oNgcwele, kanye nokufuna nokuhlaziya. Kwesinye isikhathi, yindlela owenza ngayo engalungile; kwesinye isikhathi, izintshisekelo zakho nemicabango akukwazi ukuma phambi kukaNkulunkulu, ngakho uMoya kaNkulunkulu akakunyakazisi; ngakho futhi kunezikhathi lapho uNkulunkulu ebheka ukuthi uthembekile yini noma cha. Ngamafuphi, kufanele ube nokuzinikela kakhulu ekuziqeqesheni kwakho. Uma uthola ukuthi indlela owenza ngayo iphuma endleleni yokwenza elungile, ungashintsha indlela othandaza ngayo. Inqobo uma ufuna ngokweqiniso, ulangazelele ukwamukela, lapho-ke uMoya oNgcwele nakanjani uzozibonakalisa kuwena. Kwesinye isikhathi uthandaza ngenhliziyo eqinisekile kodwa ungazizwa sengathi uthintekile. Ezikhathini ezifana nalezo kufanele uncike okholweni lwakho, uthembe ukuthi uNkulunkulu uyayibona imithandazo yakho; kufanele ubekezele emithandazweni yakho.
Kufanele uthembeke, futhi uthandaze ukuze uxoshe ububi obusenhliziyweni yakho. Njengoba usebenzisa umthandazo ukuzicwenga nanini na lapho kudingeka, futhi uwusebenzisela ukuba uthintwe uMoya kaNkulunkulu, isimo sakho sizoya ngokuya sishintsha. Impilo yangokomoya yeqiniso yimpilo yokuthandaza, futhi yimpilo ethintwa uMoya oNgcwele. Inqubo yokuthintwa uMoya oNgcwele yinqubo yokushintsha isimo somuntu. Impilo engakathintwa uMoya oNgcwele akuyona impilo yangokoMoya, yimpilo nje yokulandela imikhuba nemidanti yenjwayelo; yilabo abavame ukuthintwa uMoya oNgcwele kuphela, abanokukhanyiseleka nenkazimulo kaMoya oNgcwele, abantu asebengene empilweni yangokomoya. Isimo somuntu silokhu sishintshashintsha ngenkathi ekhuleka, futhi ngale nkathi enyakazizwa uMoya oNgcwele kakhulu, kungale nkathi ekhuthala futhi eba ngolalelayo. Ngakho-ke, futhi, nenhliziyo yakhe izoya ngokuya icwengeka, emva kwalokho nesimo sakhe sizoya ngokuya sishintsha. Unjalo-ke umthelela womkhuleko weqiniso.
Kucashunwe encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Ukuthulisa Inhliziyo Yakho Phambi KukaNkulunkulu
UNkulunkulu USomandla uthi:
“Ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu kungesinye sezinyathelo esibalulekile kakhulu zokungena emazwini kaNkulunkulu, futhi kuyisifundo lapho abantu bonke benesidingo esiphuthumayo sokungena kuso manje. Izindlela zokungena ekuthuliseni inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu yilezi: 1. Susa inhliziyo yakho ezintweni ezingaphandle, thula phambi kukaNkulunkulu, futhi ukhuleka kuNkulunkulu ngenhliziyo egxilile.
2. Ngenhliziyo yakho ethule phambi kukaNkulunkulu, yidla, uphuze, futhi uthokozele amazwi kaNkulunkulu.
3. Zindla futhi ucabange ngothando lukaNkulunkulu futhi uzindle ngomsebenzi kaNkulunkulu enhliziyweni yakho.”
Kucashunwe “encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni”
Amazwi KaNkulunkulu:“Mayelana Nenqubo Yokuthandaza”
USathane Uvivinya UJobe Okokuqala
a. Amazwi Akhulunywa UNkulunkulu
(UJobe 1:8) Yayisithi iNKOSI kuSathane, Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi?
(UJobe 1:12) Futhi INKOSI yathi kuSathane, Bheka, konke lokhu anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena ungabeki isandla sakho. Ngakho uSathane wayesesuka phambi kweNKOSI.
b. Impendulo KaSathane
(UJobe 1:9-11) Khona-ke uSathane wabe eseyiphendula iNKOSI, futhi wathi, Ingabe uJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Awumbiyelanga yini yena, nendlu yakhe, nakho konke okwakhe nxazonke? wabusisa umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho manje, bese uthinta konke anakho, futhi uyokuthuka ebusweni bakho.
UNkulunkulu Uvumela USathane Ukuba Alinge UJobe Ukuze Ukholo LukaJobe Lupheleliswe
UJobe 1:8 umbhalo wokuqala lapho sibona khona ingxoxo ephakathi kukaJehova uNkulunkulu noSathane. Wathini uNkulunkulu? Umbhalo wokuqala unikeza amazwi alandelayo: “Yayisithi iNKOSI kuSathane, Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owesaba uNkulunkulu, nogwema okubi?” Lesi kwakuyisimo uNkulunkulu ayenaso ngoJobe phambi kukaSathane; uNkulunkulu wathi wayeyindoda elungile futhi eqotho, eyesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi. Ngaphambi kwala mazwi aphakathi kukaNkulunkulu noSathane, uNkulunkulu wayenqume ukuthi wayezosebenzisa uSathane ukuze avivinye uJobe—ukuthi wayezonikela ngoJobe kuSathane. Ngelilodwa, lokhu kwakuzofakazela ukuthi ukubona kukaNkulunkulu nokuhlolwa kukaJobe kwakunembe kakhulu, kwakuzokwenza uSathane abe namahloni ngobufakazi bukaJobe; kwakuzophinde kuphelelise nokholo lukaJobe nokwesaba kwakhe uNkulunkulu. Ngakho, lapho uSathane eza phambi kukaNkulunkulu, uNkulunkulu akazange agudle iguma. Wahlala ephuzwini wabuza uSathane: “Ingabe uyiqaphela inceku yami uJobe, ukuthi akekho ofana naye emhlabeni, indoda engasoleki nelungile, owensaba uNkulunkulu, nogwema okubi?” Embuzweni kaNkulunkulu kunencazelo elandelayo: UNkulunkulu wayazi ukuthi uSathane wayesehambe zonke izindawo, futhi wayesezwile ngoJobe, owayeyinceku kaNkulunkulu. USathane wayezama ukuletha incithakalo kuJobe ukuze afakazele ukuthi ukholo lukaJobe kuNkulunkulu nokwesaba kwakhe uNkulunkulu kwakungeke kume kuqine. USathane wayekulungele ukufuna amathuba okucekela phansi uJobe, nokuthi uJ0be aphike uNkulunkulu futhi amsuse ezandleni zikaNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu wahlola inhliziyo kaJobe wabona ukuthi wayelungile futhi eqotho, nokuthi wayesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi. UNkulunkulu wasebenzisa umbuzo ukuze atshele uSathane ukuthi uJobe wayelungile futhi eyindoda eqotho eyesaba uNkulunkulu igweme okubi, nokuthi uJobe wayengeke amphike uNkulunkulu alandele uSathane. Ngemva kokuzwa lokhu ngoJobe, kwaqubuka inzondo enkulu kuSathane, futhi wafuna ngazo zonke izindlela ukuhlwitha uJobe, ngoba uSathane akakaze akholelwe ukuthi kungaba nomuntu olungile futhi oqotho, ongesaba uNkulunkulu agweme okubi. Ngesikhathi esifanayo, uSathane wazonda indoda elungile futhi eqotho, wazonda nabantu abesaba uNkulunkulu futhi abagwema okubi. Ngakho kulotshiwe kuJobe 1:9-11 ukuthi “Khona-ke uSathane wabe eseyiphendula iNKOSI, futhi wathi, Ingabe uJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? Awumbiyelanga yini yena, nendlu yakhe, nakho konke okwakhe nxazonke? wabusisa umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni. Kepha ake welule isandla sakho manje, bese uthinta konke anakho, futhi uyokuthuka ebusweni bakho.” UNkulunkulu wayejwayelene namaqhinga kaSathane okukhohlisa, wayazi kahle kamhlophe ukuthi kwase kuyisikhathi eside uSathane eceba ukonakalisa uJobe, ngakho uNkulunkulu watshela uSathane ukuthi uJobe wayengumuntu olungile futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi agweme okubi, kuze abuyise uSathane endleleni, ukuze embule ubuso bangempela bukaSathane ahlasele futhi alinge uJobe. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wakuveza ngenhloso ukuthi uJobe wayelungile futhi eqotho, nokuthi wayesaba uNkulunkulu futhi egwema okubi, futhi ngalokhu wenza uSathane wahlasela uJobe ngenxa yokuthi uSathane kwakumthukuthelisa ukuthi uJobe ulungile futhi uqotho, nokuthi wesaba uNkulunkulu futhi ugwema okubi. Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wayeyoletha isihlamba kuSathane ngenxa yokuthi uJobe wayelungile futhi eyindoda eqotho, eyesaba uNkulunkulu igweme okubi, uSathane wayeyohlazeka kakhulu futhi anqotshwe. Ngemva kwalokho, uSathane wayengeke esamngabaza noma ehlasele ukulunga kukaJobe, ubuqotho, ukwesaba uNkulunkulu, noma ukugwema okubi. Ngale ndlela, uvivinyo lukaNkulunkulu nokulingwa uSathane cishe kwakuyinto engenakugwenya. Okuwukuphela komuntu owayengakwazi ukumelana nokuvivinywa uNkulunkulu nokulingwa uSathane kwakunguJobe. Ngemva kwale ngxoxo, uSathane wanikwa imvume yokulinga uJobe. Ngakho kwaqala isiwombe sokuqala sokuhlasela kukaSathane. Umgomo walokhu kuhlasela kwakuyimpahla kaJobe, ngoba uSathane wayenze izinsolo ngokumelene noJobe: “Ingabe uJobe uyamesaba uNkulunkulu ngeze na? … wabusisa umsebenzi wezandla zakhe, futhi impahla yakhe yandile emhlabeni.” Ngenxa yalokho, uNkulunkulu wavumela uSathane ukuthi athathe konke uJobe ayenakho—okwakuyinjongo kaSathane yokukhuluma noNkulunkulu kwasekuqaleni. Noma kunjalo, uNkulunkulu wacela into eyodwa kuSathane: “konke lokhu anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena ungabeki isandla sakho” (Jobe 1:12). Lesi isimo esahlelwa uNkulunkulu ngemva kokuvumela uSathane ukuba alinge uJobe futhi wabeka uJobe ezandleni zikaSathane, wambekela umngcele owodwa uSathane: Wayala uSathane ukuba angamlimazi uJobe. Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wabona ukuthi uJobe wayephelele futhi eqotho, futhi wayenokholo lokuthi ukulunga kukaJobe nobuqotho bakhe phambi Kwakhe kwakungangabazeki, futhi kwakungamelana novivinyo; ngakho uNkulunkulu wavumela uSathane ukuba alinge uJobe, kodwa wabekela uSathane umbandela: USathane wayevunyelwe ukuyithatha yonke impahla kaJobe, futhi wayengakwazi ukumbeka isandla. Kusho ukuthini lokhu? Kusho ukuthi uNkulunkulu akanikelanga ngoJobe ngokuphelele kuSathane. USathane wayengavivinya uJobe nganoma yini ayifunayo, kodwa wayengeke amlimaze uJobe, ngisho nonwele olusekhanda lakhe, ngoba yonke into yomuntu ilawulwa uNkulunkulu, ukuthi umuntu uyaphila noma uyafa kunqunywa uNkulunkulu, uSathane akanalo igunya elinjalo. Ngemva kokuba uNkulunkulu esho la mazwi kuSathane, uSathane wayengasakwazi ukulinda ukuqala umsebenzi. Wayesebenzisa konke ukuze alinge uJobe, futhi kungakabiphi, uJobe wayeselahlekelwe inqwaba yezimvu, nezinkomo nayo yonke impahla ayeyinikwe uNkulunkulu …. Ngakho uvivinyo lukaNkulunkulu lwafika kuye.
Nakuba iBhayibheli lisitshela ngomsuka wokulingwa kukaJobe, ingabe uJobe owayelingwa, wayazi ukuthi kuqhubekani? UJobe wayemane engumuntu wasemhlabeni; ngakho wayengazi lutho ngendaba emayelana naye. Noma kunjalo, ukwesaba kwakhe uNkulunkulu, nokulunga nobuqotho bakhe, kwamenza waqaphela ukuthi uvivinyo luNkulunkulu lwalwehlele kuye. Wayengazi ukuthi kwakwenzekeni ezulwini, nokuthi izinjongo zikaNkulunkulu ngalolu vivinyo lwaluyini. Kodwa wayazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani kuye, kwakufanele abambelele ngeqiniso ekulungeni nasebuqothweni bakhe, futhi kwakufanele esabe uNkulunkulu agweme okubi. Umbono kaJobe nendlela asabela ngayo kulokhu wayekubonile uNkulunkulu. Wabonani uNkulunkulu? Wabona inhliziyo kaJobe eyesaba uNkulunkulu, ngoba kusukela ekuqaleni kuze kube manje, lapho uJobe elingwa, uNkulunkulu wayelokhu eyibona inhliziyo kaJobe, yayenekwe phambi kukaNkulunkulu, futhi uJobe akakuphikanga ukulunga nobuqotho, futhi akakubalekelanga ukwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi—futhi lokho kwamjabulisa uNkulunkulu. Manje, sizohlola izilingo uJobe adlula kuzo, nendlela asabela ngayo kuzo. Ake sifunde imibhalo.
c. Ukusabela KukaJobe
(UJobe 1:20-21) Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka, Waye sethi, Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze: iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI.
UJobe Ukubeka Emahlombe Akhe Ukubuyisela Konke Anakho Ngenxa Yokwesaba Kwakhe UNkulunkulu Ngemva kokuba uNkulunkulu ethe kuSathane, “konke lokhu anakho kusesandleni sakho; kuphela kuyena ungabeki isandla sakho,” uSathane wahamba, ngokushesha nje uJobe wahlaselwa ngonya: Okokuqala, izinkomo nezimbongolo zakhe kwebiwa futhi izinceku zakhe zabulawa; ngemva kwalokho, kwaqothulwa izimvu kanye nezinceku zakhe; ngemva kwalokho, kwathathwa amakamela nezinceku zakhe zabulawa; ekugcineni amadodana namadodakazi akhe ashona. Lezi zigcawu ezilandelanayo zaba usizi olukhulu kuJobe ovivinyweni lwakhe lokuqala. Njengoba uNkulunkulu ayala, kulokhu kuhlasela uSathane wayefuna impahla kaJobe nezingane zakhe, kodwa akamlimazanga uJobe. Ngakho, uJobe akabange esaba isicebi esicaphuna kusale, waba umuntu ohlwempu. Akekho owayengamelana nalezo zimo ezibuhlungu, uJobe amelana nazo. Imibhalo iyalandisa: “Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka.” Lena indlela yokuqala uJobe asabela ngayo ngemva kokuzwa ukuthi uselahlekelwe izingane zakhe kanye nempahla yakhe. Ngaphezu kwakho konke, akabonakalanga emangele, noma ethukile, ingasaphathwa eyokuthi athukuthele noma abe nenzondo. Ngakho uyabona ukuthi enhliziyweni yakhe, wayesebona kakade ukuthi lezi zinhlekelele azenzekanga ngengozi, noma azibangelwanga umuntu, ingasaphathwa eyokujeziswa kwakhe. Kunalokho, uvivinyo lukaNkulunkulu lwalwehlele kuye; nguye owayefisa ukuthatha impahla nezingane zakhe. UJobe wayezolile futhi enombono ocacile. Ukulunga nobuqotho bakhe kwamvumela ukuba enze ukwahlulela nezinqumo ezinhle ngalezi zinhlekelele ezazimehlele, futhi ngenxa yalokho wasabela ngendlela engavamile: “Khona-ke uJobe wasukuma, wabe eseklebhula isiphuku sakhe, futhi waphuca ikhanda lakhe, wabe esewela emhlabathini, futhi wakhuleka.” “Waklebhula isiphuku sakhe” kusho ukuthi wayengagqokile, engenalutho; “ukuphucula ikhanda lakhe” kusho ukuthi wayesebuyele esimweni sosana olusanda kuzalwa; “ukuwela emhlabathini, akhuleke” kusho ukuthi wafika enqunu kuleli zwe, engenalutho, wabuyiselwa kuNkulunkulu elusana oluncane. Kwakungeke kube yinoma yisiphi isidalwa esingumuntu esasingaba nombono kaJobe. Ukholo lwakhe kuJehova lwaba ngaphezu kwenkolelo; lokhu kwakuwukwesaba anakho ngoNkulunkulu, nokulalela uNkulunkulu, futhi wayengakwazi nje ukubonga uNkulunkulu ngokumnika khona, kodwa nokukuthatha kuye. Okukhulu nakakhulu, ukuthi wayekwazi ukubuyisela lokho ake waba nakho, kuhlanganise nokuphila kwakhe.
Ukwesaba nokulalela kukaJobe uNkulunkulu kuyisibonelo esintwini, futhi ukulunga nobuqotho bakhe yiqophela bonke abantu okufanele bafune ukufinyelela kulo. Nakuba engazange ambone uNkulunkulu, wabona ukuthi uNkulunkulu ukhona ngempela, futhi wamesaba uNkulunkulu—futhi ngenxa yokwesaba uNkulunkulu, wakwazi ukulalela uNkulunkulu. Wanika uNkulunkulu ithuba lokuthatha noma yini ayenayo, kodwa futhi wangakhononda, wawa phambi kukaNkulunkulu wathi, ngaso leso sikhathi, ngisho noma uNkulunkulu ethatha inyama yakhe, uyomvumela ngaphandle kokuba nenkinga, ngaphandle kokukhononda. Konke ukuziphatha kwakhe kwakusekelwe ekutheni wayelungile futhi eqotho. Okusho ukuthi, ngenxa yobumsulwa bakhe, ukwethembeka, nomusa, uJobe wayengenalo iso elintengantengayo ngokuba khona kukaNkulunkulu, futhi ngenxa yaleli zinga ayephila ngalo, nezinga lakhe lokucabanga, naziphatha ngalo ezenzweni zakhe phambi kukaNkulunkulu, wayenza ngokuvumelana nesiqondiso sikaNkulunkulu nezenzo zikaNkulunkulu ayezibone phakathi nazo zonke izinto. Ngemva kwesikhathi, izinto azibona zamenza wamesaba ngobuqotho uNkulunkulu futhi wagwema okubi. Lona kwakuwumthombo wobuqotho uJobe awubamba wawuqinisa. UJobe wayethembekile, emsulwa, futhi enomusa, esaba noNkulunkulu, elalela uNkulunkulu, futhi egwema okubi, kanye nolwazi lokuthi “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile.” Kungenxa yalezi zinto kuphela akwazi ukumelana futhi wanikeza ubufakazi ekuhlaselweni ngonya uSathane, futhi yizo ezamenza wangamdumaza uNkulunkulu wanika uNkulunkulu impendulo egculisayo lapho uvivinyo lukaNkulunkulu luphezu kwakhe. Nakuba ukuziphatha kukaJobe ovivinyweni lokuqala kwakungagwegwesi, izizukulwane ezalandela zaba mathintanyawo ekufinyeleleni kulokho kungagwegwesi ngisho nangaphezu kwemizamo yokuphila konke, futhi zahluleka ukuziphatha njengoJobe ngendlela echazwe ngenhla. Namuhla, lapho ubuka indlela uJobe aziphatha kahle ngayo, uyiqhathanisa nokukhala kanye nesifiso “sokulalela ngokuphelele nokuba qotho kuze kube sekufeni” okuboniswa kuNkulunkulu yilabo abathi bakholelwa Kuye futhi bayamlandela, ingabe lokho akukunenzi nibe namahloni?
Lapho ufunda ngokuhlupheka kukaJobe emibhalweni, uzizwa kanjani? Ingabe uhluleka ngisho nokukucabanga? Ingabe uyamangala? Ingabe izilingo zikaJobe “ziyethusa”? Ngamanye amazwi, kubi ngokwanele ukufunda ngezilingo zikaJobe ezichazwe emibhalweni, ukungasho lutho ngokuthi bezingaba njani ngokoqobo. Ngakho uyabona ukuthi lokho okwehlela uJobe “kwakungewona umdlalo,” kodwa “kwakuyimpi” yangempela, “enezibhamu” “nezinhlamvu” zangempela. Kodwa isandla sikabani esasingemva kwalezi zilingo? Yiqiniso, zazihlelwe uSathane, zenziwa uSathane ngokuqondile—kodwa zigunyazwe uNkulunkulu. Ingabe uNkulunkulu watshela uSathane ukuthi amlinge ngani uJobe? Cha akamtshelanga. UNkulunkulu wamane wambekela umngcele owodwa, ngemva kwalokho uJobe waqala ukulingwa. Lapho uJobe elingwa, abantu baqaphela ukuthi uSathane mubi futhi ukhohlakele kangakanani, indlela anenzondo enonya ngayo ngabantu, nobutha anabo noNkulunkulu. Kulokhu siyabona ukuthi amazwi awanakuluchaza unya olwaluhambisana nalezi zilingo. Kungashiwo ukuthi indlela enonya uSathane ahlukumeza ngayo umuntu nobubi bakhe bembuleka ngempela ngalowo mzuzu. USathane wasebenzisa leli thuba, ithuba avunyelwa uNkulunkulu kulo, athole kulo imvume kaNkulunkulu, ukuze ahlukumeze uJobe ngonya, ngendlela yokukhohlakala engacabangeki futhi okungekho muntu ongayibekezelela namhlanje. Kunokuthi uJobe walingwa uSathane, nokuthi waqina ovivinyweni lwakhe, kungcono ukuthi uvivinyo aluhlelelwa uNkulunkulu, uJobe waphikelela ekumelaneni noSathane ukuze avikele ukulunga nobuqotho bakhe, futhi aqhubeke esaba uNkulunkulu egwema okubi. Kule nhlekelele, uJobe walahlekelwa imihlambi yezimvu nezinkomo, walahlekelwa yiyo yonke impahla yakhe, futhi walahlekelwa amadodana namadodakazi akhe—kodwa akazange akulaxaze ukulunga kwakhe, ubuqotho, nokwesaba uNkulunkulu. Ngamanye amazwi, kulolu vivinyo lukaSathane, uJobe wancamela ukulahlekelwa impahla yakhe nezingane kunokuthi alahlekelwe ukulunga, ubuqotho, nokwesaba uNkulunkulu. Wancamela ukunamathela kulokho okushiwo ukuba umuntu. ImiBhalo iyilandisa ngendlela ecacile yonke le nqubo yokulahlekelwa kukaJobe yizo zonke izinto zakhe, kanye nokuziphatha kukaJobe phakathi nayo. Lokhu kulandisa okufishane kunikeza umqondo wokuthi uJobe wayengaxhamazeli lapho elingwa, kodwa kwakunesidalwa esidaleke kabusha esinonya esinguSathane—lokhu kwakungeke kube lula njengoba kuchazwe emibhalweni. Isimo sasinonya kakhulu. Linjalo izinga lenkohlakalo nenzondo uSathane aphatha ngayo isintu nabo bonke abamukelwa uNkulunkulu. Ukube uNkulunkulu akashongo ukuthi uSathane angamlimazi uJobe, uSathane ngabe wambulala ngaphandle kokunqikaza. USathane akafuni kube nomuntu okhonza uNkulunkulu, futhi akafisi kube nabalungile emehlweni kaNkulunkulu nabaphelele nabaqotho kuye abaqhubeka besaba uNkulunkulu futhi begwema okubi. Ukuze abantu besabe uNkulunkulu futhi bagweme okubi kusho ukuthi kufanele bagweme futhi babalekele uSathane, njengoba uSathane asizakala lapho uNkulunkulu emnika imvume, wavivinya ngonya uJobe. Uyabona ukuthi wezwa ubuhlungu obungakanani uJobe, kusukela engqondweni kuya enyameni, ngaphandle nangaphakathi. Namhlanje, asiboni ukuthi kwakunjani ngaleso sikhathi, singafunda ngakho eBhayibhelini kuphela, amazwibela endlela uJobe azizwa ngayo lapho ehlukunyezwa ngaleso sikhathi.
Ubuqotho BukaJobe Obungantengantengi Bahlambalaza USathane Futhi Bamenza Wabaleka Ethukile Yini eyenziwa uNkulunkulu lapho uJobe ehlukunyezwa? UNkulunkulu wayebuka, walinda umphumela. Njengoba uNkulunkulu ayebhekile, wazizwa kanjani? Akungabazeki ukuthi wabuzwa ubuhlungu. Kodwa ngenxa yosizi Lwakhe, ingabe wazisola ngokuvumela uSathane ukuba alinge uJobe? Impendulo ngu-cha, wayengeke. Ngoba wayeqiniseke kakhulu ngokuthi uJobe ulungile futhi uqotho, wayesaba uNkulunkulu egwema okubi. UNkulunkulu wamane wanika uSathane ithuba lokuzigculisa ngokuthi uJobe ulungile phambi kukaNkulunkulu, nokuthi azembule yena ukuthi ukhohlakele kangakanani. Ngaphezu kwalokho, kwakuyithuba lokuthi uJobe afakazele ukuthi ulungile nokuthi wesaba uNkulunkulu futhi ugwema okubi phambi kwabo bonke abantu, kuSathane, ngisho nakubo bonke abesaba uNkulunkulu. Ingabe isiphetho safakazela ukuthi okwakushiwo uNkulunkulu ngoJobe kwakuyiqiniso? Ingabe uJobe wamnqoba uSathane? Lapha sifunda amazwi anohlonze akhulunywa uJobe, amazwi awubufakazi bokuthi umnqobile uSathane. Wathi: “Ngaphuma ngihamba ze esibelethweni sikamama wami, futhi ngiyobuyela kuso ngihamba ze.” Lona umbono uJobe ayenawo ngokulandela uNkulunkulu. Walandela ngokuthi: “iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI.” La mazwi akhulunywa uJobe afakazela ukuthi uNkulunkulu ubona okusekujuleni kwenhliziyo yomuntu, ukwazi ukubona ingqondo yomuntu, futhi abonisa ukuthi wayemamukela uJobe, ukuthi lena indoda elungile eyemukelwa uNkulunkulu. “…iNKOSI iphile, futhi iNKOSI ithathile; malibongwe igama leNKOSI.” La mazwi awubufakazi bukaJobe kuNkulunkulu. Yila mazwi ajwayelekile aswabisa uSathane, amthela ngehlazo futhi amenza waba netwetwe, ngaphezu kwalokho, amshaqisa uSathane, wasala ephundlekile. Ngakho la mazwi enza uSathane wasala ezibuza ngezenzo zikaJehova uNkulunkulu, futhi aqhakambisa izinto ezinhle zalowo onenhliziyo esendleleni kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, abonisa uSathane amandla amakhulu indoda engelutho enawo ngenxa yokwesaba uNkulunkulu nokugwema okubi. Ngakho wanqotshwa ngomzuliswano wokuqala. Naphezu “kokuqonda kwakhe okunzulu,” uSathane wayengazimisele ngokuvumela uJobe aphunyuke, futhi akazishintshanga izindlela zakhe zokukhohlakala. USathane wazama ukuqhubeka ehlasela uJobe, ngakho weza phambi kukaNkulunkulu …
Ake sifunde imibhalo okwesibili lapho uJobe elingwa.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Isahluko 2
Ibandla laseFiladelfiya selithole isimo, futhi lokhu kube ngokuphelele ngenxa yomusa nobubele bukaNkulunkulu. Abangcwele bakhiphe uthando lwabo lukaNkulunkulu futhi abazange baphambuke endleleni yabo yokomoya. Baqinile ekukholweni kwabo ukuthi uNkulunkulu wangempela ongukuphela Kwakhe ube yinyama, ukuthi uyiNhloko yezulu nomhlaba olawula zonke izinto—lokhu kuqinisekiswa nguMoya oNgcwele futhi kufakazelwa ngobufakazi obuqanda ikhanda! Akunakuguquka!
O, Nkulunkulu uSomandla! Namuhla uvule amehlo ethu angokomoya, uvumela ukuthi izimpumputhe zibone, izishosha zihambe, abanochoko ukuba basinde. Uvule ifasitela lezulu futhi sibone izimfihlakalo zomhlaba ongokomoya. Amazwi Akho angene kithi, futhi usisindisile ebuntwini obukhohlakele obulethwe nguSathane. Lokhu kuwumsebenzi Wakho omkhulu kanye nomusa Wakho omkhulukazi. Singofakazi Bakho!
Uthobeke futhi wafihlakala ekuthuleni isikhathi eside. Wedlule ekuvukeni nokuhlupheka kokubethelwa; waze intokozo nosizi lokuphila komuntu kanye nokushushiswa nobunzima. Uzwe futhi wanambitha ubuhlungu bomhlaba womuntu, futhi ushiywe yinkathi. UNkulunkulu osesimweni somuntu unguNkulunkulu Ngokwakhe. Usisindisile engqumbini yobulongwe ngenxa yentando kaNkulunkulu wase usiphakamisa ngesandla Sakho sokudla; umusa Wakho unikezwe thina mahhala. Wenza imizamo engapheli yokufaka ukuphila Kwakho kithina; inani olikhokhile ngegazi, umjuluko, nezinyembezi Zakho lokhu kukwabangcwele. Siyizikhonzi zemizamo Yakho yokuzikhandla; siyinani olikhokhayo.
O, Nkulunkulu Somandla! Kungenxa yothando nobubele Bakho, ukulunga nobukhosi Bakho, ubungcwele nokuthobeka Kwakho ukuba bonke abantu bayokhothama phambi Kwakho futhi bakukhonze kuze kube phakade.
Namuhla uphelelelise wonke amabandla—ibandla laseFiladelfiya—eliwukufezwa kohlelo Lwakho lokuphatha lweminyaka eyizi-6,000. Abangcwele manje sebengalalela ngokuthobeka phambi Kwakho; baxhumene nabanye emoyeni futhi bayaphelezelana othandweni. Baxhumene nomthombo wesiphethu. Amanzi okuphila aphilayo agobhoza ngokungapheli futhi asusa aphinde ahlanze konke ukungcola nodoti ebandleni, ephinda futhi ehlanza ithempeli. Simazile uNkulunkulu wangempela ongokoqobo, sahamba ngaphakathi kwamazwi Akhe, sabona imisebenzi yethu nokufanele sikwenze, futhi senza konke esingakwenza ukuze sizidele ngenxa yebandla. Kufanele sithathe yonke imizuzu ukuze sithule phambi Kwakho futhi silalele umsebenzi woMoya oNgcwele ukuze intando Yakho ingavimbeleki kithi. Phakathi kwabangcwele kukhona ukuthandana, futhi ukuqina kwabanye kuyovala isikhala sokwehluleka kwabanye. Bangahamba emoyeni kuyo yonke imizuzu futhi bazuze ukukhanyiselwa nokukhanya koMoya oNgcwele. Benza iqiniso masinyane emva kokuliqonda; bahambisana nokukhanya okusha futhi balandele izinyathelo zikaNkulunkulu.
Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu; ukumdedela alawule kungukuhamba Naye. Yonke imiqondo yakho, imicabango nemibono, konke ukuxakeka kwethu komhlaba, kushabalala emoyeni njengentuthu. Sivumela uNkulunkulu abuse emoyeni wethu, sihambe Naye futhi sizuze ukwedlula kokuyimvelo, sinqobe umhlaba, futhi imimoya yethu iyandiza iphinde ithole ukukhululwa; lena yimiphumela yokuba yiNkosi kukaNkulunkulu uSomandla. Kungenzeka kanjani singadansi futhi singaculi izindumiso, sinikeze ukudumisa kwethu, futhi sinikeze amaculo amasha?
Empeleni ziningi izindlela zokudumisa uNkulunkulu: ukumemeza igama Lakhe, ukusondela Kuye, ukucabanga Ngaye, ukufunda okuwukuthandaza, ukuhlanganyela, ukucabanga, ukuzindla, umthandazo, namaculo okudumisa. Kulezi zinhlobo zokudumisa kunokuthokoza, futhi kunogcobo; kukhona amandla ekudumiseni futhi kukhona nomthwalo. Kunokholo ekudumiseni, futhi kunolwazi olusha.
Bambisana ngenkuthalo noNkulunkulu, sebenza ngokuhambisana nibe munye, nelisa intando kaNkulunkulu uSomandla, phuthuma ukuba ngumzimba wokomoya ongcwele, nyathela uSathane, futhi uqede isiphetho sakhe. Ibandla laseFiladelfiya lihlwithwe phambi kukaNkulunkulu futhi liyazibonakalisa enkazimulweni kaNkulunkulu.
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Umthandazo - Free Music Download
Imvuselelo Yase Natali-Umthandazo https://www.playlossless.com/singles/144389.html





