Ngahamba ekhaya ngimncane ngazi inhlonipho, ngabuya sengigugile ngazi inhluphekho.
Nyembezi zami zigcwele uthuli, zihlathi zami ziphihlika udaka.
Impilo yami? Ucwephe lephepha, ngine mfundo yeminyaknyaka kepha ulwazi lami luncane luyateketa. Ngilalele ngendlebe kwaze kwakhanya ilanga kanti kwakufanele ngilalele ngenhliziyo.
izandla zes'khathi azisafinyeleli umphefumulo udukile, indonga zidume kwazwakala, noma ngihleka kuvela ubala, sewasapa ezinkambeni amazinyo indoda.
Imizwa yami? ididekele, ime ndawonye ibindekile. ukube ngangazile ngabe ngavuma ukuba ingane kubaba kodwa ngakhetha ukuba ingane yezizwe.
ngakhetha inyuvesi ngafunda; yakhononda imizwa yakhihla es'kaShaka.
Sengihlala ngiyotyiwe, ngonyiwe, amanzi awasazigezi izithende zami, umphimbo wam', amakhala ami, amaphaphu ami, amaphupho ami, impuphu ekhaya, kugoqana unwele, esolwathamba ekwephuphu linethile.
Noma likhipha umkhov' etsheni kweyami inhliziyo likhithikile. ngigula okwangempela, kaze ngiyolitholaphi ikhambi? mhlawumbe ebhodleni, nginekeni ushevu - ngiphile. nginiken' ikhambi - ngife.
esami isono ngiyasazi, ukugijimisa ulwazi kodwa iqiniso ngalishiya ekhaya. mama, mama, uqinisile uqinisile, ngezenzo zami ngikubulale usaphila.
kungaphela izinkulungwane zeminyaka, ihlazo lami linomsindo okweqaqa. unembeza wami soze walifihla. noma izandla zeskhathi zingathi umzimba wami aw'mbozwe inhlabathi, ngizolivuma icala lam'.







