Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

seen from United States

seen from Germany

seen from Ireland
seen from Germany

seen from United States

seen from United States

seen from United States
seen from United Kingdom

seen from United States

seen from United States

seen from United States

seen from United States

seen from Australia

seen from United States

seen from Malaysia
seen from United States
seen from United States

seen from United States
seen from United States
seen from United States
Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu
Uma uKholo Lwakho Kuye Luyiqiniso, Uzovama Ukuthola Ukunakekelwa Nguye
Ukuguquka kukaNkulunkulu ngezinhloso aye nazo ngabantu baseNineve, akuna bungqikangqikaza noma ukudideka. Kepha, kwakungukuguquka kusuka entukuthelweni emsulwa kuya ekubekezeleleni okumsulwa. Lokhu ukwembulwa kwangempela kobukhona bukaNkulunkulu. UNkulunkulu akabi mangqikangqika noma angabaze ezenzweni Zakhe; izimiso kanye nezinhloso ezingemuva kwezenzo Zakhe zicacile futhi zisobala, zimsulwa futhi azinasici, azinamaqhinga noma amacebo ahlangene phakathi. Ngamanye amazwi, ubukhona bukaNkulunkulu abunabumnyama noma ububi. UNkulunkulu waba nentukuthelo nabantu baseNineve ngoba izenzo zabo zokukhohlakala zazifinyelele emehlweni Akhe; ngaleso sikhathi intukuthelo yakhe yayiveza ubukhona Bakhe. Kepha, lapho intukuthelo kaNkulunkulu inyamalala, waphinda waletha ukubekezelela phezu kwabantu baseNineve, konke akuveza kwabe kusewu bukhona Bakhe. Lolu shintsho selu lonke lwalu ngenxa yokushintsha kwesimo sengqondo yomuntu ngoNkulunkulu. Ngalesi sikhathi sisonke, isimo sikaNkulunkulu esinganengeki asizange siguquke; ingqikithi kaNkulunkulu ebekezelelayo ayizange iguquke; ubukhona bukaNkulunkulu obunothando nesihe abuzange buguquke. Uma abantu benza izenzo ezingukukhohlakala futhi benenga uNkulunkulu, Uzoletha intukuthelo Yakhe phezu kwabo. Uma abantu bephenduka ngeqiniso, inhliziyo kaNkulunkulu iyashintsha futhi intukuthelo Yakhe iyaphela. Uma abantu beqhubeka bephikisana noNkulunkulu, ulaka Lwakhe olukhulu ngeke luphele; ulaka Lwakhe luzoya lubacindezela kancane kancane baze babhubhe. Lokhu ubukhona besimo sikaNkulunkulu. Akukhathaliseki ukuthi uNkulunkulu ukhombisa ulaka noma isihe nomusa, inkambo yomuntu, ukuziphatha kanye nesimo sengqondo ngoNkulunkulu ekujuleni kwenhliziyo yakhe yikho okulawula lokho okuvezwayo ngokwembuleka kwesimo sikaNkulunkulu. Uma uNkulunkulu ebeka umuntu ngaphansi kolaka Lwakhe njalo, inhliziyo yalowo muntu akungabazeki, iphikisana noNkulunkulu. Ngoba akakaze aphenduke ngeqiniso, agobe ikhanda ngaphambili kukaNkulunkulu noma abe nokholo lwangempela kuNkulunkulu, akakaze athole isihe nokubekezelelwa kukaNkulunkulu. Uma umuntu evamile ukuthola ukunakekelwa nguNkulunkulu futhi evamile ukuthola isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, kusho ukuthi lo muntu ngokungangabazeki unokukholwa okuyiqiniso kuNkulunkulu enhliziyweni yakhe, futhi inhliziyo yakhe ayimelene noNkulunkulu. Uvama ukuphenduka ngeqiniso phambili kukaNkulunkulu; ngakho noma ngabe ukuqondisa kukaNkulunkulu kuvame ukwehlela kulo muntu, kodwa ulaka Lwakhe aluzi.
Le ndaba emfushane ivumela abantu ukuthi babone inhliziyo kaNkulunkulu, ukubona ukubakhona kwangempela kobukhona Bakhe, ukubona ukuthi intukuthelo kaNkulunkulu nokushintsha kwenhliziyo Yakhe akwenzeki ngaphandle kwesizathu. Naphezu komahluko omkhulu uNkulunkulu awukhombisa ngesikhathi Ethukuthele nangesikhathi Eshintsha inhliziyo Yakhe, okwenza abantu bakholwe ongathi kunesikhala esikhulu noma umahluko omkhulu phakathi kwalezi zingxenye ezimbili zengqikithi kaNkulunkulu—ulaka Lwakhe nokubekezelela Kwakhe—isimo sengqondo sikaNkulunkulu mayelana nokuphenduka kwabantu baseNineve, kuyaphinda futhi kuvumela abantu ukuthi babone lena enye ingxenye yesimo sikaNkulunkulu sangempela. Ukushintsha kwenhliziyo kaNkulunkulu ngempela kuvumela isintu ukuthi siphinde sibone iqiniso le sihe nomusa kaNkulunkulu kanye nokubona isambulo sangempela sobukhona bukaNkulunkulu. Isintu kufanele sivume nje ukuthi isihe nomusa kaNkulunkulu awuyona inganekwane noma amanga. Lokhu kungenxa yokuthi umuzwa kaNkulunkulu wabe uyiqiniso ngaleso sikhathi; ukushintsha kwenhliziyo kukaNkulunkulu kwabe kuyiqiniso; uNkulunkulu impela waphinda futhi waletha isihe nokubekezelela Kwakhe esintwini.
Ukuphenduka Kweqiniso Ezinhliziyweni zabantu baseNineve Kubazuzela Umusa kaNkulunkulu futhi Kushintsha Iziphetho Zabo Kwakukhona ukuphikisana phakathi kokushintsha kwenhliziyo kaNkulunkulu kanye nentukuthelo Yakhe? Lutho neze! Lokhu kungenxa yokuthi ukubekezelela kukaNkulunkulu kwabe kunesizathu ngaleso sikhathi. Kungabe kwakuyisiphi lesosizathu? Yileso esinikwe eBhayibhelini: “kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi” “nasebudloveni obusezandleni zakhe.”
“Le ndlela embi” ayisho idlanzana lezi zenzo ezimbi, kodwa umthombo omubi ongemuva kokuziphatha kwabantu. “Kubuyiswe yilowo nalowo endleleni yakhe embi” kuchaza ukuthi labo abathintekile ngeke baphinde bazenze lezi zinto futhi. Ngamanye amazwi, ngeke baphinde baziphathe ngale ndlela embi; indlela, umthombo, inhloso, okuqondiwe kanye nesimiso sezenzo zabo, kwabe konke kushintshile; ngeke baphinde basebenzise lezo zindlela nezimiso ukuletha injabulo nentokozo ezinhliziyweni zabo. Ukuthi “kubuyiswe” ku “kubuyiswe….nasebudloveni obusezandleni zakhe” kusho ukushiya noma ukulaxaza, ukuhlukanisa phakathi kwakho nesikhathi esidlule futhi ukungabuyeli emuva. Ngesikhathi abantu baseNineve beshiya ubudlova obusezandleni zabo, lokhu kwafakazela futhi kwamela ukuphenduka kwabo kweqiniso. UNkulunkulu uyabuka ingaphandle laba bantu kanye nezinhliziyo zabo. Ngesikhathi uNkulunkulu ebona ukuphenduka kwangempela ezinhliziyweni zabantu baseNineve ngaphandle kombuzo futhi wabona ukuthi babezishiyile izindlela zabo ezimbi baphinde balahla phansi ubudlova ezandleni zabo, Washintsha inhliziyo Yakhe. Lokhu kungukuthi inkambo nokuziphatha kwalaba bantu nezindlela ezehlukehlukene zokwenza izinto, kanye nokuvuma nokuphenduka ngeqiniso, ezonweni ezinhliziyweni zabo, kwenza uNkulunkulu ukuba ashintshe inhliziyo Yakhe, ashintshe izinhloso Zakhe, ahoxise isinqumo Sakhe futhi angabajezisi noma ababhubhise. Ngakho, abantu baseNineve baphumelela ukuthola isiphetho esihlukile. Bahlenga izimpilo zabo futhi ngesikhathi esifanayo, bawina isihe nokubekezelela kukaNkulunkulu, okuyilapho futhi uNkulunkulu wahoxisa ulaka Lwakhe.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
3. Umuntu kufanele abone umehluko phakathi kukaKristu osenyameni kanye noKristu bamanga nabaphrofethi bamanga
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Ngoba kuzoba khona oKristu bamanga, nabaphrofethi bamanga, nabazoveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso; ukuze, uma kungenzeka, bazodukisa ngisho nalabo abakhethiweyo” (Mathewu 24:23-24).
“Mina ngiyindlela, iqiniso nokuphila” (Johane 14:6 ).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Lowo onguNkulunkulu osenyameni uzoba nesiqu sikaNkulunkulu, lowo onguNkulunkulu osenyameni uzobonakala njengoNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoletha umsebenzi okumele awenze, njengoba uNkulunkulu eba yinyama, uzoveza lokhu ayikho, futhi uzokwazi ukuletha iqiniso kubantu, alethe ukuphila phezu kwabantu, akhombise abantu indlela. Inyama ayinaso isiqu sikaNkulunkulu ayiyena uNkulunkulu osenyameni; asingabazi kulokhu. Ukuphenya ukuthi ngabe uNkulunkulu wenyama osenyameni, abantu kumele bathole isimo asivezayo kanye namazwi awakhulumayo. Okungukuthi, ingabe nguNkulunkulu osenyameni noma cha, nokuthi ingabe yindlela yeqiniso noma cha, kumele kwahlulelwe ngesiqu Sakhe. Ngakho-ke, ekutholeni[a] ukuthi yinyama kaNkulunkulu osenyameni, okubalulekile ukuthi unake usiqu Sakhe (umsebenzi Wakhe, amazwi Akhe, isimo Sakhe, nokunye okuningi), kunokubheka okubonakala ngaphandle. Uma abantu bebona ingaphandle kuphela, bese bengabheki usiqu Sakhe, lokho kuveza ukungazi komuntu.
kwesithi Isandulelo sethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa inyama embethwe uNkulunkulu uphethe futhi uqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalisa isimo sikaNkulunkulu, futhi inika abantu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abangoKristu bamanga bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo.
kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe yisimo sobuntu noma sobunkulunkulu, kokubili kuthobela intando kaBaba Osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe.
…………
Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. …
Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye.
kwesithi “Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana nokubonakala kukaJesu, lowo owaphulukisa abagulayo, waxosha amadimoni futhi owabethelwa ngenxa yomuntu, “lowo Nkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula kumuntu ukuba amamukele, ubengeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa egqokwe ngumoya omubi. Ngoba kuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu ukungalokothi aphinde lokho asekufezile.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma, njengamanje, kungavela umuntu okwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, futhi ekwazi ukukhipha amadimoni, futhi asindise abagulayo, futhi enze izimpawu eziningi, futhi uma lo muntu ethi ungukubuya kukaJesu, ngabe lokhu kuyinkohliso yemimoya emibi, kanye nokulingisa kwakhe uJesu. Khumbula lokhu! UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje. Kunegama elilodwa enkathini ngayinye, futhi igama ngalinye lifuza inkathi. Emicabangweni yomuntu, uNkulunkulu kufanele njalo enze izimpawu nezimangaliso, kufanele njalo asindise abagulayo futhi akhiphe amadimoni, futhi kufanele njalo abenjengoJesu, kepha manje uNkulunkulu akanjalo neze. Uma, ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu wayesenza izimpawu nezimangaliso, futhi esakhipha amadimoni futhi asindise abagulayo—ukuba ubenza njengoJesu uqobo—uNkulunkulu ubengabe uphinda umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi kaJesu ubungeke ube nokubaluleka nosizo. Ngakho uNkulunkulu wenza isigaba esisodwa somsebenzi kuzo zonke izinkathi. Uma isigaba somsebenzi wakhe sesiphelile, silingiswa yimimoya emibi ngokushesha emuva kwalokho, futhi emuva kokuthi uSathane eqalise ukulandela uNkulunkulu eduzane, uNkulunkulu uguqukela kwenye indlela; uma uNkulunkulu eseqedile isigaba somsebenzi wakhe, ulingiswa imimoya emibi. Kufanele ucacelwe yilezi zinto.
kwesithi “Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Kunabanye abathile abanemimoya emibi futhi abalokhu bememeza bethi, “NginguNkulunkulu!” Nokho ekugcineni, abakwazi ukuhlala bemile, ngoba basebenza egameni longafanele. Bamele uSathane futhi uMoya oNgcwele awubanaki. Nokho kungakhathaleki ukuthi uziphakamisa kangakanani noma ukuthi umemeza kakhulu kangakanani, usewumuntu owadalwa futhi uyilowo ongokaSathane. Angimemezi, nginguNkulunkulu, ngiyiNdodana kaNkulunkulu ethandekayo! Kodwa umsebenzi engiwenzayo okaNkulunkulu. Ingabe kudingeka ngimemeze? Asikho isidingo sokuphakanyiswa. UNkulunkulu uzenzela Yena mathupha umsebenzi futhi akadingi ukuba umuntu amnike isikhundla noma isiqu sokumhlonipha, futhi umsebenzi Wakhe wanele ukuba umele isiqu kanye nesikhundla Sakhe. Ngaphambi kokubhabhathizwa Kwakhe, ngabe uJesu wayengeyena uNkulunkulu uqobo? Ingabe wayengeyena uNkulunkulu osenyameni? Ngempela ngeke kuthiwe waba yindodana eyodwa kaNkulunkulu kuphela ngemva kokuba esefakazelwe? Ingabe yayingekho indoda okwakuthiwa nguJesu esikhathini eside ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe? Awukwazi ukuveza izindlela ezintsha noma umele uMoya. Awukwazi ukuveza umsebenzi kaMoya noma amazwi awakhulumayo. Awukwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo noma okaMoya. Awukwazi ukuveza ukuhlakanipha, ukumangalisa nokungaqondakali kukaNkulunkulu, noma sonke isimo uNkulunkulu asola ngaso abantu. Ngakho ukulokhu uthi unguNkulunkulu akusho lutho; unegama kuphela isiqu awunaso. UNkulunkulu uqobo ufikile, kodwa akekho noyedwa ombonayo, nokho uyaqhubeka nomsebenzi Wakhe futhi uwenza emelwe uMoya. Noma umbiza ngomuntu noma ngoNkulunkulu, iNkosi noma uKristu noma ngoDadewethu, konke kulungile. Kodwa umsebenzi awenzayo ungowoMoya futhi umele umsebenzi kaNkulunkulu uqobo. Akanandaba nokuthi abantu bambiza ngaliphi igama. Igama lingawuchaza yini umsebenzi Wakhe? Ngisho noma kuthiwa umbiza ngokuthini, ngokweso likaNkulunkululu, uyinyama yoMoya kaNkulunkulu osenyameni onoMoya Wakhe; umele uMoya futhi ugunyazwe Nguye. Awukwazi ukuvulela inkathi entsha indlela, futhi ngeke ukwazi ukuqeda nokungenisa inkathi entsha noma wenze umsebenzi omusha. Ngakho awukwazi ukubizwa ngoNkulunkulu!
kwesithi “Imfihlakalo Yokuba Senyameni (1)” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Uma umuntu ezibiza ngoNkulunkulu ebe engakwazi ukubonakalisa ubuNkulunkulu bakhe, enza umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo, akunakungatshazwa ukuthi akasiye uNkulunkulu, ngoba akanawo umongo kaNkulunkulu, futhi lokho uNkulunkulu angakwazi ukukufeza akukho ngaphakathi kuye.
kwesithi “Umehluko Phakathi Kwenkonzo KaNkulunkulu Onesimo Somuntu kanye Nomsebenzi Womuntu” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Phakathi kwalabo boKristu bamanga, abaprofethi bamanga nabakhohlisi, abekho yini labo ababizwa ngoNkulunkulu? Kungani bengeyena uNkulunkulu? Ngenxa yokuthi abakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu? Ngokwemvelo bangabantu, abakhohlisi babantu, hhayi uNkulunkulu, ngakho abanakho ukubonakala kukaNkulunkulu.
kwesithi “Okumayelana Namagama nokuthi Ungubani” kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Imibhalo yaphansi:
a. Umbhalo wokuqala ufundeka kanje “ngokwe-.”
Ungase Uthande Nalezi: kanjani ukuphila okuphakade
Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu
Ukubhubhiswa kweSodoma nguNkulunkulu
(UGenesise 18:26) Futhi iNKOSI yathi, Uma eSodoma ngithola abangamashumi amahlanu abalungileyo ngaphakathi kwedolobha, khona-ke ngizohawukela yonke le ndawo ngenxa yabo.
(UGenesise 18:29) Waphinda futhi wakhuluma kuye, wathi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amane khona. Wayesethi, angeke ngikwenze.
(UGenesise 18:30) Wathi futhi kuye, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amathathu khona. Waye sethi, angeke ngikwenze.
(UGenesise 18:31) Waye sethi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abangamashumi amabili khona. Waye sethi, angeke ngiyibhubhise.
(UGenesise 18:32) Waye sethi, Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abayishumi khona. Waye sethi, angeke ngiyibhubhise.
Lawa amavesi ambalwa engiwakhethe eBhayibhelini. Awaphelele. Uma nifuna ukuwabona, ningazifundela wona eBhayibhelini; ukuze ngonge isikhathi, ngikhiphe ingxenye evela emiBhalweni. Lapha ngikhethe kuphela amazwi awumgogodla nemisho, ngashiya imisho eminingi engahlobene kangako nathi namuhla. Kuwo wonke la mavesi nendaba esixoxa ngayo, umgomo wethu awubandakanyi imininingwane mayelana nalezi zindaba, nokuziphatha komuntu kuzo; kunalokho, sikhuluma kuphela ngemicabango kaNkulunkulu nemibono yangaleso sikhathi. Emicabangweni nasemibonweni kaNkulunkulu, sizobona isimo sikaNkulunkulu, futhi kukho konke uNkulunkulu akwenza, sizobona uNkulunkulu Uqobo Lwakhe—futhi kulokhu sizowufeza umgomo wethu.
UNkulunkulu Unendaba Kuphela Nalabo Abakwazi Ukulalela Amazwi Akhe Nokulandela Imiyalo Yakhe Amazwi angenhla aqukethe into ewumgogodla: izinombolo. Okokuqala, uJehova uthe uma ethola abangamashumi amahlanu abalungile emzini, khona-ke uyoyekela indawo yonke ngenxa yabo, okusho ukuthi, wayengeke awubhubhise umuzi. Ngakho ingabe babekhona abangamashumi amahlanu abalungile eSodoma? Babengekho. Ngokushesha ngemva kwalokho, wathini u-Abrahama kuNkulunkulu? Wathi, mhlawumbe kutholakala abangamashumi amane khona? UNkulunkulu wathi, ngeke ngiwubhubhise. Ngemva kwalokho, u-Abrahama wathi, mhlawumbe kutholakala abangamashumi amathathu khona? UNkulunkulu wathi, ngeke ngikwenze. Mhlawumbe abangamashumi amabili? Ngeke ngikwenze. Abayishumi? Ngeke ngikwenze lokho. Ingabe kwakunabayishumi abalungile emzini? Babengelona ishumi—kodwa wayeyedwa. Wayengubani lona oyedwa? KwakunguLoti. Ngaleso sikhathi, wayeyedwa umuntu owayelungile eSodoma, kodwa ingabe uNkulunkulu wayeqinisa kakhulu uma kuziwa kuleli nani? Cha, kwakungenjalo! Ngakho lapho umuntu elokhu ethi, “Kuthiwani ngabangamashumi amane?” “Kuthiwani ngabangamamashumi amathathu?” kuze kube yilapho ethi khona “Kuthiwani ngabayishumi?” UNkulunkulu wathi, “Ngisho noma kunabayishumi kuphela, ngeke ngiwubhubhise umuzi; ngiyowusindisa, ngithethelele abanye abantu ngaphandle kwabayishumi.” Abayishumi babeyodabukisa ngokwanele, kodwa empeleni alibanga bikho ngisho nalelo nani labantu abalungile eSodoma. Ngakho uyabona ukuthi emehlweni kaNkulunkulu, isono nokukhohlakala kwabantu bendawo kwahamba kwaze kwafika ezingeni lokuthi uNkulunkulu kwakungasekho angakwenza ngaphandle kokubabhubhisa. Wayeqonde ukuthini uNkulunkulu lapho ethi ngeke awubhubhise umuzi uma kunabangamashumi amahlanu abalungile? La manani ayengabalulekile kuNkulunkulu. Okwakubalulekile ukuthi umuzi unabo yini abantu abalungile ayebafuna noma cha. Uma umuzi wawunomuntu oyedwa olungile, uNkulunkulu wayengeke avume ukuthi balimale lapho ebhubhisa umuzi. Lokhu kusho ukuthi, kungakhathaliseki ukuthi uNkulunkulu wayezowubhubhisa umuzi noma cha, kungakhathaliseki ukuthi kwakunabalungile abangakanani kuwo, kuNkulunkulu lo muzi owonayo wawuqalekisiwe, futhi kufanele ubhujiswe, kufanele unyamalale emehlweni kaNkulunkulu, kusale abalungile. Kungakhathaliseki ukuthi iminyaka ithini, kungakhathaliseki ukuthi umuntu ukusiphi isigaba sokukhula, umbono kaNkulunkulu awushintshi: Uyabuzonda ububi, unendaba nabalungile emehlweni Akhe. Lo mbono ocacile kaNkulunkulu uphinde ube isambulo sangempela sesiqu sikaNkulunkulu. Ngenxa yokuthi kwakunomuntu oyedwa emzini, uNkulunkulu akabange esanqikaza. Umphumela waba ukuthi iSodoma lalizobhujiswa. Nibonani kulokhu? Kuleyo nkathi, uNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi uma kuwo kunabangamashumi amahlanu abalungile, noma kunabayishumi, okusho ukuthi uNkulunkulu wayezonquma ukubathethelela noma abe nesineke ngabantu, noma enze umsebenzi Wakhe wokuqondisa, ngenxa yabambalwa ababemkhonza. UNkulunkulu ubeke okuningi ezenzweni ezilungile zomuntu, kulabo abakwazi ukumkhonza, nakulabo abakwazi ukwenza okuhle phambi Kwakhe.
UNkulunkulu Unomusa Omkhulu Kulabo Abakhathalelayo, Futhi Unenzondo Enkulu Kulabo Abazondayo
Ekulandiseni kweBhayibheli, ingabe zazikhona izinceku zikaNkulunkulu eziyishumi eSodoma? Cha, zazingekho! Ingabe kwakufanele ukuthi umuzi uchithwe uNkulunkulu? Kwakunomuntu oyedwa kuphela emzini—uLoti—wamukela izithunywa zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho kwakunenceku kaNkulunkulu eyodwa kuphela emzini, ngakho uNkulunkulu akukho ayengakwenza ngaphandle kokusindisa uLoti futhi abhubhise umuzi waseSodoma. Lokhu okuphakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu kungase kubonakale kulula, kodwa kuqhakambisa into ebaluleke kakhulu: Kunemiyalo ezenzweni zikaNkulunkulu, futhi ngaphambi kokuthi enze izinqumo uzochitha isikhathi ebuka futhi ehlolisisa; singakafiki isikhathi esifanele, asikho isinqumo azosenza futhi azikho iziphetho azofinyelela kuzo. Lokhu okuphakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu kusibonisa ukuthi isinqumo sikaNkulunkulu sokubhubhisa iSodoma kwakungekhona ukushiyeka, ngoba uNkulunkulu wayazi ukuthi umuzi wawungenabo abalungile abangamashumi amane, noma abangamashumi amathathu, noma abangamashumi amabili. Babengekho ngisho abayishumi. Okuwukuphela komuntu olungile emuzini kwakunguLoti. Konke okwenzeka eSodoma nezimo zalo kwakubonwa nguNkulunkulu, futhi kuNkulunkulu kwakuvame njengenhlanekela yesandla Sakhe. Ngakho, isinqumo Sakhe sasingeke sibe nephutha. Ngokuphambene, uma kuqhathaniswa namandla amakhulu kaNkulunkulu, umuntu undikindiki, uyisiwula futhi akanaki, akaziboni izinto ngeso elibanzi. Yilokhu esikubona phakathi kuka-Abrahama noNkulunkulu. UNkulunkulu ubelokhu ehambisa phambili isimo Sakhe kusukela ekuqaleni kuze kube namuhla. Ngakho, lapha sikhona isimo sikaNkulunkulu okufanele sisibone. Izinombolo zilula, futhi azivezi lutho, kodwa lapha sibonakala kakhulu isimo sikaNkulunkulu. UNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi ngenxa yabangamashumi amahlanu abalungile. Ingabe lokhu kungenxa yomusa kaNkulunkulu? Ingabe kungenxa yothando Lwakhe nokubekezela? Ingabe nake nalubona lolu hlangothi lwesimo sikaNkulunkulu? Ngisho noma kwakunabalungile abayishumi kuphela, uNkulunkulu wayengeke awubhubhise umuzi ngenxa yabayishumi abalungile. Ingabe lokhu akukhona ukubekezela nothando lukaNkulunkulu? Ngenxa yomusa kaNkulunkulu, ukubekezela, nokukhathalela abalungile, wayengeke awubhubhise umuzi. Lokhu kwakuwukubekezela kukaNkulunkulu. Ekupheleni, imuphi umphumela esiwubonayo? Lapho u-Abrahama ethi, “Mhlawumbe kungenzeka kutholakale abayishumi khona,” uNkulunkulu wathi, “angeke ngiyibhubhise.” Ngemva kwalokho, u-Abrahama akashongo lutho—ngoba eSodoma babengekho abayishumi ayebuza ngabo, futhi kwakungekho okunye ayengakusho, futhi ngaleso sikhathi waqonda ukuthi kungani uNkulunkulu anquma ukubhubhisa iSodoma. Kulokhu, yisiphi isimo sikaNkulunkulu enisibonayo? Nhloboni yesinqumo uNkulunkulu asenza? Lokhu kusho ukuthi, uma umuzi wawungenabo abalungile abayishumi, uNkulunkulu wayengakuvumeli ukuba khona kwawo, futhi wayewubhubhisa. Ingabe lolu akulona ulaka lukaNkulunkulu? Ingabe lolu laka lumelela isimo sikaNkulunkulu? Ingabe lesi simo siyisambulo sesiqu sikaNkulunkulu esingcwele? Ingabe siyisambulo sokulunga kwesiqu sikaNkulunkulu, umuntu okungamele asithukuthelise? Eseqinisekise ukuthi abekho abayishumi abalungile eSodoma, uNkulunkulu wayezimisele ukubhubhisa umuzi, futhi wayezobajezisa kakhulu abantu abasemzini, ngoba bamelana noNkulunkulu, nokuthi babekhohlakele.
Kungani sihlaziye lezi zingxenye ngale ndlela? Kungenxa yokuthi le misho embalwa isiveza ngokugcwele isimo sikaNkulunkulu somusa omkhulu nolaka. Ngesikhathi esifanayo nokukubheka njengegugu ukulunga, ukuba nomusa kubo, ukubabekezelela, nokubanakekela, kwakunenzondo enkulu enhliziyweni kaNkulunkulu ngabo bonke abaseSodoma ababekhohlakele. Ingabe lokhu kwakungewona umusa nentukuthelo enkulu? UNkulunkulu wawubhubhisa ngayiphi indlela umuzi? Ngomlilo. Kungani awubhubhisa esebenzisa umlilo? Lapho ubona into ishiswa umlilo, noma lapho usuzoshiswa okuthile, uzizwa kanjani ngakho? Kungani ufuna ukuyishisa? Ingabe ubona ukuthi awusayidingi, ukuthi awusafuni ukuphinde uyibone? Ingabe ufuna ukuyishiya? Ukusebenzisa kukaNkulunkulu umlilo ukulaxaza, nenzondo, nokuthi wayengasafisi ukubona iSodoma. Lena into eyenza uNkulunkulu waqothula iSodoma ngomlilo. Lokhu kusetshenziswa komlilo kuveza indlela uNkulunkulu ayethukuthele ngayo. Umusa nokubekezela kukaNkulunkulu kukhona ngempela, kodwa ubungcwele nokulunga kukaNkulunkulu lapho eveza intukuthelo Yakhe kubonisa umuntu nolunye uhlangothi lukaNkulunkulu lokuthi akacasulwa. Lapho umuntu ekwazi ngokugcwele ukulalela imiyalo kaNkulunkulu futhi enze ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu, uNkulunkulu uyoba nomusa omkhulu kubantu; lapho abantu begcwele inkohlakalo, inzondo, nobutha Ngaye, uNkulunkulu uthukuthela kakhulu. Uthukuthela kakhulu kangakanani? Ulaka Lwakhe luyoqhubeka kuze kube yilapho uNkulunkulu engasaboni abantu bemphika futhi bengasekho phambi kwamehlo Akhe. Luyophela lapho kuphela ulaka lukaNkulunkulu. Ngamanye amazwi, akunandaba ukuthi umuntu ungubani, uma izinhliziyo zabo ziqhelelene noNkulunkulu, futhi zimfulathele uNkulunkulu, zingabuyi, khona-ke akunandaba ukuthi imizamo nezifiso zalabo bantu kube yini, bafisa ukukhonza nokulandela nokulalela uNkulunkulu emzimbeni nasemicabangweni yabo, ngokushesha nje ngemva kokuthi izinhliziyo zabo zifulathele uNkulunkulu, ulaka lukaNkulunkulu luyophuma ngokushesha. Kuyoba njengokungathi lapho uNkulunkulu ekhipha ulaka Lwakhe olukhulu, enike umuntu amathuba amaningi, uma eselukhiphile iyobe ingasekho indlela yokulubuyisela emuva, futhi akasoze aba nomusa noma abekezelele umuntu onjalo. Lolu olunye uhlangothi lwesimo sikaNkulunkulu olungabubekezeleli ububi. Lapha, kubonakala kwamukeleka kubantu ukuthi uNkulunkulu uyobhubhisa umuzi, ngoba emehlweni kaNkulunkulu, umuzi ogcwele isono wawungeke uqhubeke ukhona, kwakubalulekile ukuthi ubhujiswe uNkulunkulu. Kodwa kulokho okwenzeka ngaphambi nangemva kokubhujiswa kweSodoma, sisibona ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu. Uyabekezela futhi unobubele ezintweni ezinomusa, nezinhle; bese kuthi ezintweni ezingcolile, ezinesono, nezikhohlakele, uthukuthela kakhulu ngezinga lokuthi akabe esakwazi ukubamba ulaka Lwakhe. Lezi izimpawu eziyinhloko nezibalulekile zesimo sikaNkulunkulu, ngaphezu kwalokho, zembulwe uNkulunkulu kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni: umusa omkhulu nentukuthelo enkulu. Abaningi benu lapha babone okuthile ngomusa kaNkulunkulu, kodwa bancane kakhulu kini abaphawule intukuthelo kaNkulunkulu. Umusa kaNkulunkulu nothando Lwakhe kungabonakala kuwo wonke umuntu; okusho ukuthi, uNkulunkulu ubelokhu ebonisa wonke umuntu umusa omkhulu. Kodwa akuvamile—noma kungathiwa akukaze kwenzeke—ukuthi uNkulunkulu athukuthelele kakhulu abantu abathile noma ingxenye yabantu kini namuhla. Khululekani! Kungekudala, ulaka lukaNkulunkulu luzobonakala kuwo wonke umuntu, kodwa manje akukabi isikhathi. Kungani kunjalo? Ngenxa yokuthi lapho uNkulunkulu eqhubeka ethukuthelele othile, okusho ukuthi lapho eveza intukuthelo Yakhe kubo, lokho kusho ukuthi kusuke sekuyisikhathi angamthandi futhi amchitha ngaso lowo muntu, akakuthandi ukuba khona kwabo futhi ngeke akubekezelele; ngokushesha nje ngemva kokuveza intukuthelo Yakhe kubo, bayoshabalala. Namuhla, umsebenzi kaNkulunkulu awukafinyeleli lapho. Akekho kini oyokwazi ukumelana nolaka lukaNkulunkulu. Niyabona ukuthi manje, uNkulunkulu nonke unibonisa umusa omkhulu, futhi ima nisazobona intukuthelo Yakhe. Uma kunalabo abangakaqiniseki, ningacela ukuba intukuthelo kaNkulunkulu yehlele kini, ukuze nibone ukuthi uNkulunkulu unayo noma cha intukuthelo, futhi nibone ukuthi sikhona isimo Sakhe esingenakucasulwa. Ningalokotha?
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
Amazwi KaNkulunkulu:“Yize uKristu emhlabeni ekwazi ukusebenza egameni likaNkulunkulu uqobo Lwakhe, akezi ngenhloso yokutshengisa bonke abantu umfanekiso Wakhe esenyameni. Akezelanga ukuthi bonke abantu bambone; uzele ukuthi avumele abantu ukuthi bavume ukuholwa isandla Sakhe, bese bengena enkathini entsha.”----<Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini>
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha
Ingabe uyafisa ukubona uJesu? Ingabe uyafisa ukuhlala noJesu? Ingabe uyafisa ukuzwa amazwi akhulunywe uJesu? Uma kunjalo, uyokwamukela kanjani ukubuya kukaJesu? Ingabe ukulungele ngokupheleleyo? Uyokwamukela ngayiphi indlela ukubuya kukaJesu? Ngicabanga ukuthi bonke abafowethu nodadewethu abalandela uJesu bangathanda ukwamukela uJesu kahle. Kodwa uke wacabanga lokhu: Ingabe uyomazi ngeqiniso uma esebuya? Ingabe uyoyiqonda yonke into ayishoyo? Ingabe uyowemukela wonke umsebenzi awenzayo ngaphandle kwemibandela? Bonke labo abalifundile iBhayibheli bayazi ngokubuya kukaJesu. Futhi bonke labo abafunde iBhayibheli ngokuzimisela balinde ukubuya Kwakhe. Nonke ninogqozi ngokufika kwalowo mzuzu, futhi ubuqotho benu buyancomeka, ukukholwa kwenu kuyafiseka ngempela, kodwa niyabona yini ukuthi nenze iphutha elikhulu? Uyobuya kanjani uJesu? Nikholwa ukuthi uJesu uyobuya ngefu elimhlophe, kodwa Ngiyanibuza: Lisho ukuthini leli fu elimhlophe? Bebaningi kangaka abalandeli bakaJesu abalindele ukubuya Kwakhe, uzokwehlela kubaphi abantu? Uma ningabokuqala uJesu ayokwehlela kubo, abanye ngeke yini babone lokhu njengokwenzelela okubi? Ngiyazi ukuthi ninobuqotho nokwethembeka okukhulu kuJesu, kodwa nake nahlangana noJesu? Ingabe niyasazi isimo Sakhe? Ingabe nake nahlala Naye? Nazi okungakanani Ngaye? Abanye bazothi la mazwi ababeka esimweni esibucayi. Bazothi, “Ngilifundile iBhayibheli kusukela ekuqaleni kuya ekugcineni izikhathi eziningi. Kungenzeka kanjani ukuthi ngingamqondi uJesu? Ingasaphathwa eyesimo sikaJesu—Ngazi nezimpahla ayethanda Ukuzigqoka. Awungeyi yini uma uthi Angimqondi?” Ngibona kungcono ukuthi ningaphikisani nalezi zindaba; kungcono ukuba nehlise umoya bese nihlanganyela ngale mibuzo elandelayo: Okokuqala, niyazi ukuthi yini okuyiqiniso, futhi yini okucatshangwayo kuphela? Okwesibili, niyazi ukuthi yini umbono, futhi liyini iqiniso? Okwesithathu, niyazi ukuthi uyini umcabango, futhi kuyini okuyikho?
Abanye abantu baphika iqiniso lokuthi abamqondi uJesu. Nokho, ngithi animqondi nakancane, futhi aniqondi nezwi elilodwa likaJesu. Kungenxa yokuthi nimlandela ngenxa yokushiwo iBhayibheli, ngenxa yokwashiwo abanye. Anikaze nimbone uJesu, ingasaphathwa eyokuhlala Naye, futhi anikaze nibe Naye noma isikhashana esincane. Ngalokho kusho, ukuqonda kwenu uJesu akuve kuyilokho okucatshangwayo nje kuphela? Akuve yini kungenaqiniso? Kungenzeka ukuthi abanye abantu babone isithombe sikaJesu, noma abanye bake bavakashele ikhaya likaJesu mathupha. Kungenzeka, abanye bake bathinta izingubo zikaJesu. Nokho ukumqonda kwakho yilokhu okucatshangwayo futhi hhayi okungokoqobo, ngisho noma ubudle ukudla okudliwe uJesu mathupha. Noma kuthiwani-ke, awukaze umbone uJesu, futhi awukaze ube Naye enyameni, ngakho ukuqonda kwakho uJesu kuyohlala njalo kuyinto ecatshangwayo eyize futhi engenaqiniso. Mhlawumbe amazwi Ami awakuthokozisi, kodwa ngikubuza lokhu: nakuba ufunde izincwadi eziningi zombhali wakho omthandayo, ungamqonda yini ngokugcwele uma ungakaze uchithe isikhathi naye? Uyazi yini ukuthi sinjani isimilo sakhe? Uyazi yini ukuthi uphila impilo enjani? Uyayazi yini imizwa yakhe? Awukwazi ngisho ukuqonda ngokupheleleyo umuntu omthandayo, ngakho ungamqonda kanjani uJesu Kristu? Konke enikuqonda ngoJesu kugcwele imicabango nemibono, akunaqiniso futhi kuyinto engekho. Kuyanuka, kugcwele inyama. Kungenzeka kanjani ukuthi ukuqonda okunje kukwenze ufanele ukwamukela ukubuya kukaJesu? UJesu ngeke abamukele labo abagcwele izithombe ezisemqondweni kanye nemibono yenyama. Labo abangamqondi uJesu, bafanele kanjani ukuba ngamakholwa Akhe?
Niyafisa ukwazi umsuka wokuthi kungani abaFarisi babephikisana noJesu? Niyafisa ukwazi ubunjalo babaFarisi? Babegcwele imicabango ngoMesiya. Okungaphezulu, ukuthi babekholwa ukuthi uMesiya uyofika, kodwa abafunanga iqiniso lokuphila. Ngakho, nanamuhla, basalindele uMesiya, ngokuba abanalwazi ngendlela yokuphila, futhi abazi ukuthi iyiphi indlela yeqiniso. Kungenzeka kanjani, kusho nina, ukuthi abantu abayiziwula, abanenkani futhi abangazi njengalaba bazuze isibusiso sikaNkulunkulu? Babengambheka kanjani uMesiya? Baphikisana noJesu ngoba babengayazi indlela yomsebenzi kaMoya oNgcwele, ngoba babengayazi indlela yeqiniso eyakhulunywa uJesu, okunye futhi, ingoba babengamqondi uMesiya. Futhi njengoba babengakaze bambone uMesiya, futhi bengakaze bahlalisane noMesiya, benza iphutha lokuba nokuhlonipha igama likaMesiya okuyize kulapho bephikisana nobunjalo bukaMesiya nanoma ingayiphi indlela. Laba baFarisi ngobunjalo babo babenenkani, bezikhukhumeza, futhi bengalilaleli iqiniso. Umgomo wenkolo yabo kuNkulunkulu uthi: Noma intshumayelo Yakho inomqondo kangakanani, noma ngabe igunya Lakho liphezulu kangakanani, awusiye uKristu, ngaphandle uma ubizwa ngoMesiya. Ayive le mibono ingezwakali futhi ingenangqondo na? Ngiyabuza futhi: Akulula kakhulu na kinina ukuthi nenze amaphutha abaFarisi basekuqaleni, njengoba ningenakho nokuncane ukuqonda ngoJesu? Niyakwazi yini ukubona indlela yeqiniso? Ningaqinisekisa ukuthi ngeke nimelane noKristu? Niyakwazi yini ukulandela umsebenzi kaMoya oNgcwele? Uma ungazi noma uyomphikisa yini uKristu, ngithi vele usuphila engcupheni yokufa. Labo ababengamazi uMesiya babekwazi ukuphikisana noJesu, noma bamdikile uJesu, noma bamhlebe. Bonke abantu abangamqondi uJesu bangakwazi ukumphika, futhi bamthuke. Ikakhulukazi, bangakwazi ukubona ukubuya kukaJesu njengenkohliso kaSathane, futhi abantu abaningi bazomehlulela uJesu obuyele enyameni. Akukusabisi yini konke lokhu? Lokhu oyobhekana nakho ukuhlambalaza uMoya oNgcwele, ukona amazwi kaMoya oNgcwele emabandleni, nokulahla konke okwabonakaliswa uJesu. Ungazuzani kuJesu uma udideke kangaka? Ningawuqonda kanjani umsebenzi kaJesu uma ebuya enyameni ngefu elimhlophe, uma ninqaba ngenkani ukubona amaphutha enu? Nginitshela lokhu: abantu abangalamukeli iqiniso, nokho, ngobumpumputhe balindele ukufika kukaJesu ngamafu amhlophe, ngokuqinisekileyo bayohlambalaza uMoya oNgcwele, futhi bayisigaba esiyobhujiswa. Nimane nifisa umusa kaJesu, futhi nimane nifuna ukuthokozela umkhathi wasezulwini onentokozo, kepha anikaze niwalalele amazwi akhulunywa uJesu, futhi anikaze nilamukele iqiniso elakhulunywa uJesu uma Ebuya enyameni. Yini oyoyiphakamisela ukubuya kukaJesu ngefu elimhlophe? Ubuqotho enenza ngabo izono niphindelela bese niyazivuma, njalo njalo? Yini oyoyenza ibe umnikelo kuJesu Kristu uma ebuya ngefu elimhlophe? Ingabe iminyaka yokusebenza eniziphakamisa ngayo? Yini oyoyiphakamisa ukuze uJesu osebuyile akwethembe? Ingabe imvelo yakho yokuzikhukhumeza, engalilaleli nanoma iliphi iqiniso?
Ukwethembeka kwenu kusemazwini kuphela, ulwazi lwenu ukuhlakanipha nokucabanga, imisebenzi yenu eyokuzuza izibusiso zasezulwini, ngakho, ukukholwa kwenu kungabe kunjani? Nanamuhla, nisavala izindlebe zenu kulona lonke izwi leqiniso. Anazi ukuthi uNkulunkulu uyini, anazi ukuthi uKristu uyini, anazi ukuthi niMhloniphe kanjani uJehova, anazi ukuthi ningene kanjani emsebenzini kaMoya oNgcwele. Anazi futhi ukwahlukanisa phakathi komsebenzi kaNkulunkulu uqobo kanye nokukhohlisa komuntu. Nazi kuphela ukwahlulela noma iliphi izwi leqiniso elikhulunywa uNkulunkulu elingahambisani nomcabango wenu. Kuphi ukuthobeka kwenu? Kuphi ukulalela kwenu? Kuphi ukwethembeka kwenu? Kuphi ukulangazelela kwenu ukufuna iqiniso? Kuphi ukumhlonipha uNkulunkulu? Ngiyanitshela, labo abakholwa kuNkulunkulu ngenxa yezibonakaliso, impela bayisigaba esiyozwa ukubhujiswa. Labo abangakwazi ukwamukela amazwi kaJesu osebuyile enyameni, impela bayinzalo yesihogo, isizukulwane sengelosi enkulu, isigaba esizoya ekubhujisweni okuphakade. Abantu abaningi kungenzeka bangakunaki engikushoyo, kodwa ngisafuna ukutshela bonke ababizwa ngabangcwele abalandela uJesu ukuthi, lapho nibona uJesu ehla ezulwini ngefu elimhlophe ngamehlo enu, lokhu kuyoba ukubonakala emphakathini kweLanga lokulunga. Kungenzeka, leso kuyoba isikhathi sokujabula kini, nokho kumele nazi ukuthi ngesikhathi nibona uJesu ehla ezulwini, kuyoba futhi isikhathi sokuthi niye phansi esihogweni niyojeziswa. Kuyoba sekuphela isikhathi sohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi kuyoba isikhathi lapho uNkulunkulu eyovuza abahle bese ejezisa ababi. Ngokuba ukwahlulela kukaNkulunkulu kuyophela ngaphambi kokuba umuntu abone izibonakaliso, lapho kukhona ukuvezwa kweqiniso kuphela. Labo abemukela iqiniso, bengabheki izibonakaliso, futhi sebehlanziwe, bayobe sebebuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu futhi sebengene ekugonweni nguMdali. Labo kuphela abaphokophelela enkolweni ethi “uJesu ongagibeli efwini elimhlophe unguKristu wamanga” bayothola ukujeziswa okuphakade, ngokuba bakholwa kuphela kuJesu obonisa izibonakaliso, kodwa abamazisi uJesu omemezela ngokwahlulelwa okunzima bese ekhipha indlela yeqiniso yokuphila. Futhi kungaba kuphela ukuthi uJesu ubhekana nabo uma ebuya ngokusobala ngefu elimhlophe. Banenkani kakhulu, banokuzethemba kakhulu, futhi bayazikhukhumeza. Kungenzeka kanjani abantu abonakele kanje bavuzwe uJesu? Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala. Ngiyaniyala ukuthi nithathe indlela yokukholwa kuNkulunkulu ngokunakekela. Ningathathi izinqumo ngokushesha; Ngaphezu kwalokho, ningabi abantu abathatha kalula futhi abangenandaba ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Kumele nikwazi lokhu, okungenani, labo abakholwa kuNkulunkulu kumele bazithobe futhi bahloniphe. Labo abalizwile iqiniso nokho baziqhenya, bayiziwula futhi abanalwazi. Labo abalizwile iqiniso nokho ngokunganaki benza izinqumo ngokushesha noma balichitha bahlushwa ukuzikhukhumeza. Akekho okholwa uJesu ofanele ukuqalekisa noma ahlulele abanye. Kumele nonke nibe nengqondo futhi namukele iqiniso. Mhlawumbe, emva kokuba usuzwile ngendlela yeqiniso futhi wafunda ngezwi lokuphila, ukholwa ukuthi izwi elilodwa kwayizi-10,000 ahambisana nokukholwa kwakho neBhayibheli, ngakho kumele uqhubeke nokufuna kuleli zwi lezi-10,000 kulawa mazwi. Ngisaniluleka ukuba nizithobe, ningazethembi ngokweqile, ningaziphakamisi kakhulu. Ngezinhliziyo zenu eziphethe ukuhlonipha okuncane kakhulu kukaNkulunkulu, niyothola ukukhanya okukhulu. Uma niwahlola ngokuqaphela futhi niwacabange niphindelela la mazwi niyoqonda noma ayilo noma akalona yini iqiniso, noma ayikho noma akasikhona ukuphila. Mhlawumbe, emva kokufunda imisho embalwa, abanye abantu bazokwahlulela la mazwi ngobumpumputhe, bethi, “Lokhu akulutho kunokukhanyiselwa okuthile uMoya oNgcwele,” noma, “Lona uKristu wamanga ozokhohlisa abantu.” Labo abasho izinto ezinje, ababoni ngenxa yokungazi! Niqonda okuncane kakhulu ngomsebenzi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi ngiyaniyala ukuba niqale futhi ekuqaleni! Akufanele nahlulele ngobumpumputhe amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngenxa yokuvela koKristu bamanga ezinsukwini zokugcina, futhi ungabi umuntu ohlambalaza uMoya oNgcwele ngoba wesaba inkohliso. Ngeke lokho kube okudabukisayo okukhulu? Uma emuva kokuhlola okukhulu usakholwa ukuthi lawa mazwi akalona iqiniso, akayona indlela, akakhona ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, uyojeziswa ekugcineni, futhi ungabi nezibusiso. Uma ungenakho ukwemukela iqiniso elinje elikhulunywe ngokusobala nokucacile kakhulu, ngakho awufanelwe yini insindiso kaNkulunkulu? Awuyena umuntu ongenayo inhlanhla yokubuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu? Ake ukucabanga lokho! Ungagagameli futhi ube namawala, futhi ungakuthathi ukukholwa kuNkulunkulu njengomdlalo. Cabanga ngenxa yesiphetho sakho, ngenxa yamathemba akho, ngenxa yempilo yakho, futhi ungadlali ngawe. Ungawamukela la mazwi?
Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla
1. Kuyini Ukuba Sesimweni Somuntu? Iyini Ingqikithi Yokuba sesimweni Somuntu?
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
UNkulunkulu wokuqala owaba sesimweni somuntu waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. Kokubili ngesikhathi asebenza ngaso, nangaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe, wayenobuntu obujwayelekile. Wahlala ebuntwini obejwayelekile iminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye. Eminyakeni emithathu nengxenye yokugcina, wazembula ukuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphambi kokuba aqale ukwenza inkonzo Yakhe, waqale wabonakala enobuntu obujwayelekile engabonisi lutho ngobunkulunkulu Bakhe, futhi kwakungemva kwalapho eseqale khona ngokusemthethweni ukwenza inkonzo Yakhe, lapho ubunkulunkulu Bakhe babonakaliswa khona. Ukuphila Kwakhe kanye nomsebenzi kuleyo minyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yokuqala konke kwabonisa ukuthi wayengumuntu wangempela, indodana yomuntu, inyama; ngoba empeleni inkonzo Yakhe yaqala ngemva kweminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yobudala. Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe sesimweni somuntu, inyama enobuntu obujwayelekile; okungenani lokhu kumele kube yiqiniso. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo yobuntu engenabo ubunkulunkulu, engumuntu ojwayelekile owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enesambatho somuntu esijwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, ukuphila kwakho kokubili bomuntu ojwayelekile nobobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuphela ngemva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, angaqalisa ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, udinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obuwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe yilena yakho kokubili engumuntu futhi enguNkulunkulu ophelele. Uma kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, ngakho ubengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, ubuNkulunkulu Bakhe bulokhu buhleli emkhakheni wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzeli womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Omuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba Ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abasemizimbeni yabantu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kokuba ngabantu, lapho uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobuNkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela uma esemzimbeni womuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Eqinisweni, nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba sesimweni somuntu, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UNkulunkulu ubuyela emhlabeni engezele ukuzophelelisa ubuntu Bakhe obejwayelekile. Akafikeli ukuzokwenza umsebenzi womuntu ojwayelekile, kodwa uzela ukuzokwenza umsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini obejwayelekile. Lokho uNkulunkulu akukhulumayo ngobuntu obujwayelekile akusikho lokho okucatshangwa umuntu. Umuntu uchaza "ubuntu obejwayelekile" ngokuba nenkosikazi, noma umyeni, namadodana kanye namadodakazi. Lokhu kuwubufakazi bokuthi lo ngumuntu ojwayelekile. Kodwa uNkulunkulu akakuboni ngale ndlela. Ubona ubuntu obejwayelekile njengalokho okunemicabango ejwayelekile yomuntu, ukuphila kobuntu okwejwayelekile, nokuzalwa abantu abejwayelekile. Kodwa ukujwayeleka Kwakhe akubandakanyi ukuba nenkosikazi, kanye nezingane ngendlela umuntu aqonda ngayo ukwejwayeleka. Kusho ukuthi, kumuntu, ubuntu obejwayelekile uNkulunkulu akhuluma ngabo yilokhu umuntu angakuthatha ngokuthi ukungabi nobuntu, obucishe buntule imizwa futhi obubonakala beswele izidingo zenyama, njengoJesu, owayenengaphandle lomuntu ojwayelekile futhi ethathe ukubukeka komuntu ojwayelekile, kodwa empeleni engenakho ngokuphelele lokho umuntu ojwayelekile okumele abe nakho. Kulokhu kuyabonakala ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu osesimweni somuntu ayiqukethe konke okobuntu obejwayelekile, kodwa ingxenye nje yezinto okumele abantu babe nazo, ukuze besekele izindlela ezejwayelekile zokuphila kwabantu kanye nokusekela amandla ejwayelekile okucabanga kwabantu. Kodwa lezi zinto azihlangene nhlobo nalokho umuntu akuthatha njengobuntu obujwayelekile. Ziyilokho uNkulunkulu osesimweni somuntu okumele abe nakho. Kukhona labo abathi, nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu kungathiwa unakho konke umuntu anakho uma kuphela enenkosikazi, amadodana namadodakazi, umndeni. Ngaphandle kwalezi zinto, bathi, akasiye umuntu ojwayelekile. Ngiyakubuza-ke, “Ngabe uNkulunkulu unayo inkosikazi? Kungenzeka ukuthi uNkulunkulu abe nomyeni? UNkulunkulu angakwazi ukuba nezingane?” Ngabe lokhu akuwona amanga? Nokho, uNkulunkulu osesimweni somuntu akakwazi ukuqhuma emfantwini phakathi kwamadwala noma aqathake esibhakabhakeni. Angazalwa emndenini wabantu abajwayelekile kuphela. Yingakho enabazali kanye nodadewabo. Lokhu kuyizinto ubuntu obejwayelekile bukaNkulunkulu osesimweni somuntu okumele bube nazo. Kwakunjalo kuJesu. UJesu wayenobaba nomama, odadewabo kanye nabafowabo. Konke lokho kwakujwayelekile. Kodwa ukuba wayenenkosikazi namadodana namadodakazi, ngabe okwakhe kwakungeke kube ubuntu obujwayelekile obabuhloswe ukuba uNkulunkulu osesimweni somuntu abe nabo. Ukuba kwakunjalo, wayengeke akwazi ukusebenza egameni lobunkulunkulu. Kwakungenxa kanye yokuthi wayengenayo inkosikazi noma izingane, kodwa wayezalwa abantu abajwayelekile emndenini ojwayelekile, ukuthi wayekwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu. Ukucacisa kakhudlwana, lokhu uNkulunkulu akuthatha njengomuntu ojwayelekile ngumuntu ozalwe emndenini ojwayelekile. Ngumuntu onjalo kuphela ofanelwe ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Uma, kwelinye icala, umuntu ubenenkosikazi, izingane, noma umyeni, lowo muntu ubengeke aze akwazi ukwenza umsebenzi wobunkulunkulu ngoba angaba nobuntu obejwayelekile kuphela obudingwa abantu kodwa okungesibo ubuntu obujwayelekile uNkulunkulu abudingayo. Lokho uNkulunkulu athi kuyikho kanye nalokho abantu abakuqondayo kuvame ukwehlukana kakhulu.
kwesithi “Umehluko Obalulekile Phakathi KukaNkulunkulu Osesimweni Somuntu Kanye Nabantu Abasetshenziswa UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe eba sesimweni somuntu enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu.
kwesithi “Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Umzimba owembethwe uMoya kaNkulunkulu umzimba kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu uphakeme; unguSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Ngokufanayo, umzimba Wakhe nawo uphakeme, uSomandla, ungcwele, futhi ulungile. Umzimba onjalo kuphela okwazi ukwenza okulungile nokuzuzisa isintu, lokho okungcwele, okukhazimulayo nokunamandla, futhi awukwazi ukwenza noma yini emelene neqiniso noma izimiso zokulunga nobulungisa, ingasaphathwa eyokwenza noma yini ekhaphela uMoya kaNkulunkulu. UMoya kaNkulunkulu ungcwele, futhi ngaleyo ndlela nomzimba Wakhe awonakaliswa uSathane; umzimba Wakhe unobuntu obehlukile kunomzimba womuntu. Ngoba umuntu, hhayi uNkulunkulu, owonaliswa uSathane; uSathane ngeke akwazi ukonakalisa umzimba kaNkulunkulu.
kwesithi “Inkinga Enkulu: Ukukhaphela (2)” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
(Isiqephu Esikhethiweyo Sezwi LikaNkulunkulu)
Ingqikithi KaKristu Ukuthobela Intando KaBaba Osezulwini UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa nguKristu, kanti uKristu uyinyama embethwe uMoya kaNkulunkulu. Le nyama ayifani nomuntu oyinyama. Lo mehluko wenziwa ukuthi uKristu akayena owenyama negazi kodwa usesimweni somuntu kaMoya. Unesimo sobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Akekho umuntu onobunkulunkulu Bakhe. Ubuntu Bakhe obujwayelekile busekela yonke imisebenzi Yakhe ejwayelekile esenyameni, kanti ubunkulunkulu bona benza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Noma ngabe yisimo sobuntu noma sobunkulunkulu, kokubili kuthobela intando kaBaba Osezulwini. Ingqikithi kaKristu uMoya, okungukuthi, ubunkulunkulu. Ngalokho-ke, ingqikithi Yakhe ngekaNkulunkulu uqobo Lwakhe; le ngqikithi angeke iwuphazamise umsebenzi Wakhe, futhi akukho angakwenza okubulala umsebenzi Wakhe, futhi angeke akhulume amazwi aphambana nentando Yakhe. Ngakho-ke, uNkulunkulu osesimweni somuntu angeke awenze umsebenzi ozophazamisa ukuphatha Kwakhe. Yilokhu okumele bonke abantu bakuqonde. Umongo womsebenzi kaMoya oNgcwele ukusindisa abantu ngenxa yokuphatha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umsebenzi kaKristu ukusindisa abantu ngenxa yentando kaNkulunkulu. Ngokuthi uNkulunkulu uba yinyama, uyabazi ingqikithi Bakhe enyameni Yakhe, ngendlela yokuthi inyama Yakhe yanele ukwenza umsebenzi Wakhe. Ngalokho-ke, wonke umsebenzi kaMoya kaNkulunkulu uthathelwa indawo umsebenzi kaKristu ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu, kanti futhi umongo wawo wonke umsebenzi ngesikhathi sokuba sesimweni somuntu ungumsebenzi kaKristu. Awukwazi ukuhlanganyelwa nomsebenzi wangenye inkathi. Futhi njengoba uNkulunkulu eba yinyama, usebenza ngokuba sesimweni somuntu; njengoba eza esenyameni, umsebenzi okumele awenze uwuphelelisa esenyameni. Noma ngabe uMoya kaNkulunkulu noma uKristu, konke kunguNkulunkulu uqobo Lwakhe, futhi wenza umsebenzi okumele awenze enze nenkonzo okumele ayenze.
Ingqikithi kaNkulunkulu uqobo lwayo isebenzisa igunya, kodwa uyakwazi ukuthobela ngokuphelele igunya eliphuma Kuye. Noma ngabe umsebenzi kaMoya noma umsebenzi wenyama, akungqubuzani. Amandla kaMoya kaNkulunkulu anegunya phezu kwendalo yonke. Inyama enengqikithi kaNkulunkulu nayo inegunya, kodwa uNkulunkulu osenyameni angenza wonke umsebenzi olalela intando kaBaba Osezulwini. Lokhu ngeke kutholwe noma kuqondwe umuntu. UNkulunkulu uqobo unamandla, kodwa inyama Yakhe ingathobela igunya Lakhe. Lokhu yincazelo ejulile yamazwi athi: “UKristu uthobela intando kaNkulunkulu uBaba.” UNkulunkulu unguMoya futhi angenza umsebenzi wokusindisa, njengoba uNkulunkulu engaba umuntu. Kodwa-ke, uNkulunkulu uqobo wenza umsebenzi Wakhe; akaphazamisi noma agxambukele, futhi akawenzi umsebenzi ophikisanayo, ngoba ingqikithi yomsebenzi owenziwa uMoya nowenziwa inyama uyafana. Noma ngabe uMoya noma inyama, kokubili kwenzelwe ukugcwalisa intando eyodwa nokuphatha umsebenzi ofanayo. Yize noma uMoya nenyama kunezinto ezingafani, ingqikithi bako buyafana; kokubili kunongqikithi bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kanye nobuNkulunkulu uqobo Lwakhe. UNkulunkulu uqobo akanakho ukungalaleli; ingqikithi Yakhe ilungile. Uyikho konke okuhle nokulungile, futhi uwuthando lonke. Noma esenyameni, uNkulunkulu akenzi into yokungalaleli uNkulunkulu uBaba. Ngisho noma ngabe kusho ukuthi akanikele ngempilo Yakhe, uzokwenza ngenhliziyo ekhululekile angafuni ukukhetha okunye. UNkulunkulu akanakho ukuzilungisa nokuzibona ebalulekile, noma ukuzidla nokuzikhukhumeza; akanakho ukungathembeki. Konke lokhu okungalaleli uNkulunkulu kuqhamuka kuSathane; uSathane nguye umsuka wobubi nenkohlakalo. Isizathu esenza ukuthi umuntu abe nezinto ezifana nezikaSathane ukuthi umuntu wonakaliswe waphinde wasetshenzwa nguSathane. UKristu akonakalisiwe nguSathane, yikho enezimpawu zikaNkulunkulu futhi azikho ezikaSathane. Noma ngabe umsebenzi unzima kangakanani noma inyama ibuthaka kangakanani, uNkulunkulu, esaphila enyameni, angeke enze okuzophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, ingaphathwa eyokushiya intando kaNkulunkulu uBaba ngokungalaleli. Angancamela ukuzwa izinhlungu zenyama kunokuthi aphambane nentando kaNkulunkulu uBaba; kunjengoba uJesu asho emkhulekweni. “Baba, uma kungenzeka, mayidlule le ndebe Kimi; kodwa kungabi ngentando Yami, kodwa kube ngentando Yakho.” Umuntu uyokhetha, kodwa uKristu angeke akhethe. Yize enomfanekiso kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, kodwa usafuna ukwenza intando kaNkulunkulu uBaba, agcwalisele lokhu uNkulunkulu uBaba amethembe ngakho, ngasohlangothini lwenyama. Lokhu into umuntu angeke akwazi ukuyenza. Lokhu okuphuma kuSathane akunangqikithi kaNkulunkulu, kunokungalaleli nokuphikisa uNkulunkulu. Angeke kumlalele ngokuphelele uNkulunkulu, futhi ngeke kuyithobele intando kaNkulunkulu. Bonke abantu ngaphandle kukaKristu bangakwenza lokhu okuphikisa uNkulunkulu, futhi akekho noyedwa ongamukela umsebenzi athenjwe uNkulunkulu ngawo; akekho noyedwa ongakwazi ukubona ukuphatha kukaNkulunkulu njengomsebenzi wabo okumele bawenze. Ukuthobela intando kaNkulunkulu uBaba kuyingqikithi kaKristu; ukungalaleli uNkulunkulu kufana noSathane. Lezi zinto zombili azihambelani, futhi noma ubani onalezi zici zikaSathane angeke abizwe ngoKristu. Isizathu esenza ukuthi umuntu angakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu esikhundleni Sakhe yingoba umuntu akanaso nesisodwa isimo sengqikithi kaNkulunkulu. Umuntu usebenzela uNkulunkulu ngoba efuna ukuzuza okwakhe nekusasa lakhe, kodwa uKristu usebenzela ukufeza intando kaNkulunkulu uBaba.
Isimo sobuntu sikaKristu sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. Yize noma esenyameni, isimo Sakhe sobuntu asifani ncamashi naleso somuntu wenyama. Unesimo Sakhe esihlukile, naso futhi sibuswa ubunkulunkulu Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe abunabuthaka; ubuthaka bukaKristu buchaza lobo obesimo Sakhe sobuntu. Ngezinga elithile, lobu buthaka bucindezela ubunkulunkulu Bakhe, kodwa imikhawulo efana nale iphakathi komthamo nesikhathi esithile, futhi ayinamkhawulo. Uma kufika isikhathi sokwenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu, wenziwa ngaphandle kokunaka ubuntu Bakhe. Ubuntu bukaKristu buholwa ubunkulunkulu Bakhe. Ngaphandle kwempilo Yakhe ejwayelekile sobuntu Bakhe, konke okunye ukwenza kobuntu Bakhe kuthonywa, kuthintwe futhi kuqondiswe ubunkulunkulu Bakhe. Yize uKristu enesimo sobuntu, asiwuphazamisi umsebenzi wobunkulunkulu Bakhe. Lokhu kungenxa yokuthi isimo sobuntu bukaKristu siholwa ubunkulunkulu Bakhe; yize ubuntu Bakhe bungavuthiwe endleleni aziphatha ngayo phambi kwabanye, akuwuthinti umsebenzi ojwayelekile wobunkulunkulu Bakhe. Uma ngithi isimo Sakhe sobuntu asonakaliswanga, ngisho ukuthi isimo sobuntu sikaKristu singaqondiswa ngqo ubunkulunkulu Bakhe, nokuthi unobuhlakani obuphezulu kunalobo bomuntu ojwayelekile. Ubuntu Bakhe bufanele ukuholwa ubunkulunkulu obusemsebenzini Wakhe; Ubuntu Bakhe bukwazi kakhulu ukuveza umsebenzi wobunkulunkulu, futhi siyakwazi kakhulu ukuthobela umsebenzi ofana nalowo. Njengoba uNkulunkulu esebenza enyameni, akakhohlwa umsebenzi okumele wenziwe umuntu osenyameni; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini ngenhliziyo eneqiniso. Unengqikithi kaNkulunkulu, kanti ubuyena yilobu bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe. Ukuthi nje uze emhlabeni waba umuntu odaliwe, waba nomzimba womuntu odaliwe, manje unesimo sobuntu ayengenaso ngaphambilini; uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu ezulwini. Lokhu ukuba uNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi uhlukile kumuntu. Ubuyena bunguNkulunkulu uqobo Lwakhe. Kungokwenyama okwenza ukuthi adumise uNkulunkulu; ngakho-ke, amazwi athi “uKristu udumisa uNkulunkulu ezulwini” awalona iphutha. Akufunayo kumuntu ubuyena; usekufezile konke lokho akucelile kumuntu ngaphambi kokucela lokhu kubo. Angeke afune izinto kubantu ebe Yena engazenzi, ngoba konke lokhu kwenza ubuyena. Ngale kokuthi uwenza kanjani umsebenzi Wakhe, angeke angamlaleli uNkulunkulu. Noma ngabe yini ayicela kubantu, akukho okungaphezu kwalokho umuntu akwazi ukukwenza. Konke akwenzayo ukwenza intando kaNkulunkulu futhi kungenxa yokuphatha Kwakhe. Ubunkulunkulu bukaKristu bungaphezulu kwabo bonke abantu, ngakho-ke unegunya phezu kwezidalwa zonke. Leli gunya lingubunkulunkulu Bakhe, isimo nobuyena bukaNkulunkulu uqobo, okusho ubuyena. Ngalokho, noma ngabe isimo Sakhe sobuntu sijwayeleke kangakanani, kungephikwe ukuthi unobuyena obunguNkulunkulu uqobo Lwakhe; noma ngabe ukuphi uyakhuluma futhi noma kanjani uthobela intando kaNkulunkulu, angeke kuthiwe akayena uNkulunkulu uqobo. Abantu abayizilima nabangenalwazi bahlala bethi ubuntu obujwayelekile bukaKristu buyiphutha. Noma engakuveza kanjani ubunkulunkulu Bakhe, abantu bayahluleka ukuvuma ukuthi unguKristu. Uma uKristu eveza ukulalela nokuthobeka Kwakhe, yilapho abantu abangezona kakhulu izilima bembona njengoKristu. Kukhona nalabo abamkhipha inyumbazane nokwedelela, kodwa babeke “amadoda amakhulu” aneziqu eziphakeme phezu kwetafula ukuba akhonzwe. Ukuphikisa nokungalaleli kwabantu uNkulunkulu kubangelwa ukuthi ingqikithi kaNkulunkulu ophila enyameni ithobela intando kaNkulunkulu, kanjalo nesimo sobuntu esijwayelekile sikaKristu; kulapho kukhona umsuka wokuphikisa nokungalaleli uNkulunkulu. Uma uKristu ubengenakho ukuzifihla ebuntwini noma engayifuni intando kaNkulunkulu uBaba ngokubona kwabantu abadaliwe, kodwa egcwele ubuntu obukhulu, mhlawumbe ngabe akekho umuntu ongalaleli. Into eyenza ukuthi abantu bafune ukukholwa kuNkulunkulu ongabonakali osezulwini ukuthi uNkulunkulu osezulwini akanaso isimo somuntu futhi akanakho nokukodwa okufana nokomuntu odaliweyo. Ngakho-ke abantu bamthatha njengomkhulu kunabo, kodwa banakho ukungamfuni uKristu.
Yize uKristu emhlabeni ekwazi ukusebenza egameni likaNkulunkulu uqobo Lwakhe, akezi ngenhloso yokutshengisa bonke abantu umfanekiso Wakhe esenyameni. Akezelanga ukuthi bonke abantu bambone; uzele ukuthi avumele abantu ukuthi bavume ukuholwa isandla Sakhe, bese bengena enkathini entsha. Umsebenzi wenyama kaKristu ngowomsebenzi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe, okusho ukuthi, ngowomsebenzi kaNkulunkulu enyameni, hhayi ukuvumela abantu ukuthi baqonde ngokugcwele ingqikithi Yakhe yenyama. Noma ngabe usebenza kanjani, akukwedluli lokhu okutholakala enyameni. Noma ngabe usebenza kanjani, ukwenza lokhu esesimweni somuntu obujwayelekile, futhi akabavezeli ngokugcwele abantu ubuso beqiniso bukaNkulunkulu. Phezu kwalokho, umsebenzi Wakhe enyameni awubi ngaphezulu kwamandla emvelo noma ungalinganiseki njengoba umuntu ecabanga. Yize noma uKristu emele uNkulunkulu uqobo Lwakhe enyameni futhi ewenza Yena umsebenzi okumele wenziwe uNkulunkulu uqobo Lwakhe, akakuphiki ukuthi uNkulunkulu ukhona ezulwini, futhi akajahi ukumemezela imisebenzi Yakhe. Kunalokho, uhlala ecashile enyameni Yakhe. Ngaphandle kukaKristu, labo abazibiza ngokungelona iqiniso ngoKristu abanakho lokho anakho Yena. Uma eqhathaniswa nesimo soKristu bamanga abazidlayo nabaziphakamisa, kuyacaca ukuthi unhloboni yenyama uKristu. Ukukhula kwezinga lamanga abayiwo, kwenza laba oKristu bamanga baziveze, kanti futhi kulapho beba namandla okwenza izimpawu nezimangaliso ukuze bakhohlise abantu. OKristu bamanga abanaso isimo sikaNkulunkulu; uKristu akangcoliswa nawokuncane nje okungokoKristu bamanga. UNkulunkulu uba yinyama kuphela ukuze aphelelise umsebenzi wenyama, hhayi ngoba efuna ukuthi abantu bambone. Kunalokho, wenza umsebenzi Wakhe ukuthi kube yiwo oqinisekisa ubuyena, avumele lokhu akuvezayo ukuthi kufakazele ingqikithi Yakhe. Ingqikithi yakhe inesisekelo; ubuyena abubanjiwe yisandla Sakhe; kodwa bubonakaliswa umsebenzi Wakhe nengqikithi Yakhe. Yize enengqikithi kaNkulunkulu uqobo Lwakhe futhi ekwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, nalapho useyinyama akafani noMoya. Akayena uNkulunkulu onesimo sikaMoya; unguNkulunkulu onomzimba wenyama. Ngalokho-ke, noma engajwayeleka kanjani noma engaba buthaka kanjani, noma ngabe uyifuna kanjani intando kaNkulunkulu uBaba, ubunkulunkulu Bakhe bungebuphikwe. Esimweni sobuntu uNkulunkulu ukhona hhayi kuphela njengomuntu ojwayelekile nobuthaka bakhe; kukhona nokungaphezu okungubuhle nobunkulunkulu Bakhe obungeqondwe, kanjalo nayo yonke imisebenzi Yakhe esenyameni. Ngalokho-ke, empeleni kokubili ubuntu nobunkulunkulu bukuKristu. Lokhu akulona ize noma akukho ngaphezu kwamandla emvelo. Uze emhlabeni ephokophelele into eyodwa ukwenza umsebenzi Wakhe; kubalulekile ukuthi ube nesimo sobuntu obujwayelekile ukuze wenze umsebenzi emhlabeni; ngale kwalokho, noma ngabe makhulu kangakanani amandla obunkulunkulu Bakhe, umsebenzi wakho wokuqala angeke ube namsebenzi. Yize isimo Sakhe sobuntu sibalulekile, asiyona ingqikithi yakhe. Ingqikithi Yakhe ubunkulunkulu; ngakho-ke, uma nje eqala ukwenza inkonzo Yakhe emhlabeni kulapho eqala khona ukuveza ubuyena bobunkulunkulu Bakhe. Isimo Sakhe sobuntu senzelwe ukusekela impilo ejwayelekile yenyama Yakhe ukuze ubunkulunkulu Bakhe buzokwenza umsebenzi Wakhe ngokujwayelekile enyameni; ubunkulunkulu obuqondisa wonke umsebenzi Wakhe. Uma ewuqeda umsebenzi Wakhe, uzobe esephelelise inkonzo Yakhe. Umuntu okumele akwazi umsebenzi Wakhe ophelelisiwe, futhi umsebenzi Wakhe ozokwenza ukuthi abantu bamazi. Ngenkathi enza umsebenzi Wakhe, kulapho eveza khona ubunkulunkulu Bakhe, okuyisimo esingagcoliswa isimo sobuntu, noma ubuyena obungcoliswe imicabango nendlela yokuziphatha yomuntu. Uma sifika isikhathi sokuthi inkonzo Yakhe yonke ipheleliswe, uzobe esephelelise waphinde waveza ngokuphelele isimo okumele asiveze. Umsebenzi Wakhe awuyalelwa ngumuntu; ukuveza isimo Sakhe nakho ukwenza ngokukhululeka, akulawulwa yingqondo noma kucatshangwe imicabango, kodwa kuvezwa ngokwendalo. Lokhu angeke kutholwe yinoma ubani. Noma ngabe izimo ezimuhaqile zinzima noma izimo zingavumi, uyakwazi ukuveza isimo Sakhe ngesikhathi esifanele. Lowo onguKristu uveza ubuKristu, kanti labo abangasikho abanaso isimo sikaKristu. Ngalokho-ke, noma bonke bemphikisa noma benemibono Ngaye, akekho ongaphikisa ngokombono wabantu ukuthi isimo esivezwa nguKristu singesikaNkulunkulu. Bonke laba abalandela uKristu ngenhliziyo eneqiniso noma abafuna uNkulunkulu ngenhloso bazovuma ukuthi unguKristu ngenxa yokuvezwa yisimo sobunkulunkulu Bakhe. Angeke bamphike uKristu ngenxa yanoma ikuphi okunye Kwakhe okungahambisani nokucatshangwa umuntu. Yize umuntu enobulima, bonke bayazi ukuthi iyini intando yomuntu nokuthi yikuphi okuvela kuNkulunkulu. Kungukuthi nje abantu abaningi baphikisa ngabomu uKristu ngenxa yezinhloso zabo. Uma kungengenxa yalokhu, akekho umuntu ongaba nesizathu sokuphika ubukhona bukaKristu, ngoba ubunkulunkulu obuvezwa nguKristu bukhona ngempela, futhi umsebenzi Wakhe ungabonwa ngamehlo enyama.
Umsebenzi nokuvezwa uKristu kuveza ingqikithi Bakhe. Uyakwazi ukuqeda ngenhliziyo eneqiniso konke lokhu athenjwe ngakho. Uyakwazi ukudumisa uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, futhi ngenhliziyo eneqiniso afune intando kaNkulunkulu uBaba. Konke lokhu kuvezwa ingqikithi Yakhe. Kanjalo nokwembuleka kwendalo kuvezwa ingqikithi Yakhe; isizathu sokuthi ukwembuleka Kwakhe kwendalo kubizwe kanjena ukuthi lokhu akuvezayo akukhona okokufanekisa, noma umphumela wokufundiswa umuntu, noma umphumela weminyaka eminingi elungiswa ngumuntu. Akazange akufunde noma azihlobise ngakho; kunalokho, kuyinto engaphathi Kuye. Abantu bangawuphika umsebenzi Wakhe, lokhu akuvezayo, isimo Sakhe sobuntu, kanye nayo yonke impilo Yakhe yesimo sobuntu obujwayelekile, kodwa akekho ongaphika ukuthi ukhonza uNkulunkulu osezulwini ngenhliziyo eneqiniso; akekho ongaphika ukuthi uzile ukuzofeza intando kaBaba wasezulwini, akekho futhi ongaphika ubuqotho afuna ngabo uNkulunkulu uBaba. Yize isithombe Sakhe singazithokozisi izinzwa, inkulumo Yakhe ingenawo umoya ongaphezu kokuvamile, nomsebenzi Wakhe unganyakazisi umhlaba noma unyakazise izulu njengoba umuntu ecabanga, ngempela unguKristu, ofeza intando kaBaba osezulwini ngenhliziyo eneqiniso, othobela ngokugcwele uBaba osezulwini, futhi othoba kuze kube sekufeni. Lokhu kungenxa yokuthi ingqikithi Yakhe yingqikithi kaKristu. Kunzima ukuthi abantu balikholwe leli qiniso kodwa lona likhona impela. Uma inkonzo kaKristu isigcwalisiwe ngokupheleleyo, abantu bazokwazi ukubona emsebenzini Wakhe ukuthi isimo Sakhe nobuyena bumele isimo nobuyena bukaNkulunkulu ezulwini. Ngaleso sikhathi, ukusongwa komsebenzi Wakhe kuzoqinisekisa ukuthi ngempela uyinyama Izwi eliba yiyo, futhi engafani nenyama negazi lomuntu. Isinyathelo ngasinye somsebenzi kaKristu emhlabeni simele okuthile okubalulekile, kodwa umuntu obona umsebenzi uqobo wesinyathelo ngasinye akanakho ukuqonda ukubaluleka komsebenzi Wakhe. Lokhu kuvamise ezinyathelweni eziningi zomsebenzi owenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu okwesibili. Abaningi balabo abezwe noma ababone amazwi kaKristu kuphela kodwa abangakaze bambone Yena abanamicabango ngomsebenzi Wakhe; labo abambonile uKristu bawezwa namazwi Akhe, bawubona futhi nomsebenzi Wakhe, bakuthola kunzima ukwamukela umsebenzi Wakhe. Ngabe lokhu kwenziwa ukuthi umfanekiso kanye nesimo sobuntu sikaKristu akusikho lokhu okuthandwa abantu? Labo abemukela umsebenzi Wakhe emva kokuthi uKristu esehambile angeke babe nalobu bunzima, ngoba bemukela umsebenzi Wakhe nje kuphela abahlangani nesimo sikaKristu sobuntu. Umuntu akakwazi ukulahla imicabango yakhe ngoNkulunkulu kunalokho uyamhlolisisa; lokhu kungenxa yokuthi umuntu ugxila kuphela emfanekisweni Wakhe bese engakwazi ukubona ingqikithi Yakhe ngokomsebenzi Wakhe namazwi Akhe. Uma umuntu evala amehlo akhe angabuki umfanekiso kaKristu noma agweme ukukhuluma ngesimo somuntu sikaKristu, akhulume kuphela ngobunkulunkulu Bakhe, lowo umsebenzi Wakhe namazwi Akhe angaqondwa ngabantu, ngalokho umcabango womuntu anawo Ngaye uzokwehla, okungathi ngisho nengxenye yobunzima umuntu ahlangabezana nabo bungaxazululeka. Ngesikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, abantu abakwazi ukumbekezelela futhi bagcwele imibono eminingi Ngaye, kanti nokumphikisa nokungamlaleli kuvamile. Abantu abakwazi ukumelana nobukhona bukaNkulunkulu, noma ukukhombisa ukuzwelana nokuthobeka nokufihlakala kukaKristu, noma ukuxolela ingqikithi kaKristu elalela uBaba osezulwini. Ngalokho-ke, angeke ahlale nabantu phakade emva kokuqeda Kwakhe umsebenzi Wakhe, ngoba umuntu akafuni ukumvumela aphile Naye. Uma abantu engakhombisi ukuzwelana Naye ngesikhathi somsebenzi Wakhe, bazokwazi kanjani ukubekezelela ukuhlala Naye uma eseyifezile inkonzo Yakhe, ebabuka bezwa amazwi Akhe kancane kancane? Angeke abaningi bawe ngenxa Yakhe? Abantu bamvumela ukuthi asebenze emhlabeni kuphela; yilokhu kuphela abantu abangakwazi ukuzwelana Naye kukho. Ukube bekungekhona okomsebenzi Wakhe, abantu ngabe kade bamxosha emhlabeni, ngakho bazoba nozwelo oluncane kangakanani uma esewuqedile umsebenzi Wakhe? Angeke abantu bambulale bamhluphe kuze kube sekufeni? Uma ubengabizwa ngoKristu, ubengeke akwazi ukusebenza phakathi kwabantu; ukube akazange asebenze ngobunjalo bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe, wakhetha ukusebenza njengomuntu ojwayelekile, abantu ngabe abazange babekezelele ngisho umusho owodwa kwayengakukhuluma, angiphathi eyomsebenzi Wakhe. Ngakho-ke uma enza umsebenzi Wakhe kumele abe nalobu buyena. Ngale ndlela, umsebenzi Wakhe unamandla kakhulu kunokuba ubengenzanga kanjalo, ngoba abantu bonke bafuna ukulalela ubuyena obaziwayo nobukhulu. Ukube kade engenabo ubuyena bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe ngenkathi esebenza noma avele njengoNkulunkulu uqobo Lwakhe, ngabe akazange abe nalo nhlobo ithuba lokwenza umsebenzi. Ngaphandle nje kokuthi unongqikithi bukaNkulunkulu nobuyena obunguKristu, abantu bebengeke baswabuluke bamvumele enze umsebenzi Wakhe kalula phakathi kwabantu. Emsebenzini Wakhe uba nobuyena bukaNkulunkulu uqobo Lwakhe; yize noma lo msebenzi unamandla kakhulu kunalowo owenziwa engenabo lobu buyena, umuntu usalokhu engamlaleli ngokugcwele, ngoba abantu bathobela ukuma Kwakhe hhayi ingqikithi bakhe. Uma kunjalo, uma kwenzeka ngelinye ilanga uKristu ehla esikhundleni Sakhe, ngabe abantu bangamvumela aphile ngisho usuku olulodwa? UNkulunkulu uyathanda ukuphila emhlabeni nabantu ukuze azobona umphumela ozolethwa umsebenzi wezandla Zakhe eminyakeni ezayo. Kodwa-ke, umuntu akakwazi ukubekezelela ukuhlala Kwakhe ngisho usuku olulodwa nje, ngakho-ke, ubeyolahla ithemba. Nalapho vele sekuwukubekezela okukhulu komuntu nomusa kaNkulunkulu nokuthi akwazi ukwenza umsebenzi okumele awenze nokuphelelisa inkonzo Yakhe. Yize labo abanqontshwe Nguye baba nomusa Kuye, bamvumela kuphela ukuthi ahlale aze aqede umsebenzi Wakhe hhayi nomzuzu ngaphezulu emva kwalokho. Uma lokhu kunjalo, sithini ngalabo angabanqobile? Akusona isizathu sokuthi abantu bamphathe kanje uNkulunkulu osesimweni somuntu ngenxa yokuthi unguKristu osemzimbeni womuntu ojwayelekile? Ukube ubenobunkulunkulu kuphela engenaso isimo somuntu ojwayelekile, ngabe ubunzima babantu abuxazululekanga kalula nje? Abantu bayabuvuma ubunkulunkulu Bakhe yize bengathandisisi bese bengabi nandaba nomzimba womuntu ojwaleyelekile, naphezu kweqiniso lokuthi ingqikithi Yakhe ekaKristu ithobela intando kaBaba osezulwini. Ngalokhu, angachitha kuphela umsebenzi wokuba phakathi kwabantu abelane nabo injabulo nosizi, ngoba abantu bebengasakubekezeleli ukuba khona Kwakhe.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni
3. Yini imvelo yenkinga yokuba umuntu angalazisi iqiniso elichazwe nguKristu? Yini umphumela wokuba umuntu engathathi uKristu njengoNkulunkulu?
Izikhombo Zamavesi EBhayibheli:
“Wonke umoya ovumayo ukuthi uJesu Kristu uze ngenyama ungokaNkulunkulu: Kanti wonke umoya ongavumi ukuthi uJesu Kristu uze ngenyama awuwona okaNkulunkulu: kanti lowo moya owomphikukristu” (1 Johane 4:2-3).
“Ngoba abakhohlisi abaningi bangenile ezweni, abangavumi ukuthi uJesu Kristu weza ngenyama. Lo ngumkhohlisi nomphikikristu” (2 Johane 1:7).
Amazwi KaNkulunkulu Abalulekile:
Njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele ube nokukholwa kuwo wonke amazwi kaNkulunkulu nakuwo wonke umsebenzi Wakhe. Okusho ukuthi, njengoba ukholwa kuNkulunkulu, kufanele umlalele. Uma ungakwazi ukwenza lokhu, akusho lutho ukuthi uyakholwa kuNkulunkulu noma cha. Uma usukholwe kuNkulunkulu iminyaka eminingi, kodwa ungakaze umlalele noma wemukele wonke amazwi Akhe, kodwa kunalokho ucele uNkulunkulu ukuthi athobele wena futhi alandele imicabango yakho, ngakho uhlubuke ukudlula bonke, futhi awukholwa. Umuntu onjena angakwazi kanjani ukulalela umsebenzi namazwi kaNkulunkulu angahambisani nemicabango yomuntu? Umuntu oyihlongandlebe kunabo bonke umuntu oweyisa futhi amelane noNkulunkulu ngenhloso. Uyisitha sikaNkulunkulu futhi ungumphikikristu. Umuntu onjalo ugcina umoya wobutha njalo mayelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu, akaze akhombise nencane inhloso yokuzithoba, futhi akakaze alalele noma azehlise noma azithobe. Uyazikhukhumeza phambi kwabanye kanti akazithobi nhlobo komunye. Phambi kukaNkulunkulu uzibona enguchwepheshe ekushumayeleni izwi futhi enekhono kakhulu ekusebenzeni kwabanye. Akalingi alahle amagugu asenawo, kodwa uwathatha njengezinto zomndeni eziyigugu ezivela kokhokho okufanele zikhonzwe, kushunyayelwe ngazo kwabanye, futhi usebenzisa ukufundisa lezo ziphukuphuku ezimthanda kakhulu. Impela bakhona abantu abanje ebandleni. Kungashiwo ukuthi “bangamaqhawe angenakunqotshwa,” isizukulwane emuva kwesizukulwane bayavakasha endlini kaNkulunkulu. Bacabanga ukuthi ukushumayela izwi (imfundiso) kungumsebenzi wabo osemqoka. Unyaka nonyaka, isizukulwane emuva kwesinye, bawenza ngomdlandla umsebenzi wabo “ocwebileyo nongaphiliseki”. Abekho abalinga ukubathinta futhi abekho abalinga ukuthi babasole obala. Baphenduka “amakhosi” endlini kaNkulunkulu, bephithizela ngenkathi bebusa phezu kwabanye iminyaka ngeminyaka. Leli qulu lamadimoni lifuna ukuhlangana bese ndawonye alibhidlize umsebenzi Wami; ngingabavumela kanjani labo develi abaphilayo babe khona phambi kwamehlo Ami?
kwesithi “Labo Abalalela UNkulunkulu Ngenhliziyo Yeqiniso Bayozuzwa Ngokuqinisekileyo NguNkulunkulu” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Noma ubani ongakholelwa kuNkulunkulu esimweni somuntu—okungukuthi, noma ubani ongakholwa umsebenzi namazwi kaNkulunkulu obonakalayo futhi ongakholelwa kuNkulunkulu obonakalayo kodwa kunalokho ekhulekela uNkulunkulu ongabonakali osezulwini—akanaye uNkulunkulu enhliziyweni Yakhe. Bangabantu abangalaleli futhi abaphika uNkulunkulu. Laba bantu bazontula ubuntu nezizathu, bengalikhulumeli iqiniso. Ngoba laba bantu, kuningi abangakukholwa ngoNkulunkulu obonakalayo nongokoqobo, uNkulunkulu ongabonakali futhi okungabonakali sengathi ungokoqobo, ukude kakhulu nezinhliziyo zabo. Abakufunayo akulona iqiniso lento engokoqobo, futhi akuwona amaqiniso okuphila, akuhlobene nezinhloso zikaNkulunkulu; kunalokho balwela ukufica injabulo. Noma iziphi izinto abazifuna kakhulu nabazifisayo, ngaphandle kokuthandabuza, kusuke kuyizinto ezizuzisa bona nezifunwa yibo. Okuwukuphela kwento ebenza bakholelwe kuNkulunkulu ukuthi bafuna ukwanelisa izifiso zabo, hhayi ukufuna iqiniso. Ingabe akubona yini abantu ababi laba? Bazithemba ngokwedlulele, futhi abakholwa ukuthi uNkulunkulu osezulwini angababhubhisa, laba abazibiza “ngabantu abalungile.” Esikhundleni salokho, bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uyobavumela basale, futhi ngaphezu kwalokho, uyobanika umvuzo wokuhle, ngoba bamenzele izinto eziningi uNkulunkulu, futhi babonisa “ubuqotho” obukhulu Kuye. Uma befuna uNkulunkulu obonakalayo, bebeyomelana ngokushesha noNkulunkulu noma bathukutheliswe ukungafezeki kwezifiso zabo. Laba abantu abakhohlakalele ukwanelisa izifiso zabo; ababona abantu abaqotho abafuna iqiniso. Uhlobo olunjalo lwabantu lubizwa ngokuthi ngabantu ababi abalandela uKristu. Labo bantu abangalifuni iqiniso, abanakulikholelwa iqiniso. Bonke bangabantu abangakwazi ngokwengeziwe ukulondoloza ikusasa lesintu, ngoba awukho umsebenzi noma amazwi kaNkulunkulu obonakalayo abawakholwayo, futhi ngeke bakholelwe ekusaseni lomuntu nasendaweni yakhe. Ngakho, ngisho noma bemlandela uNkulunkulu weqiniso, basakwenza okubi futhi abalifuni iqiniso, abakwenzi nalokho okufunwa iqiniso.
kwesithi “UNkulunkulu Nomuntu Bayongena Ndawonye Ekuphumuleni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi uthanda kuphela izinto angakwazi ukuzibona noma ukuzithinta, izinto eziyinkimbinkimbi kakhulu nezimangalisayo ezingacabangeki kumuntu futhi umuntu ofayo angeke azithole. Ukuqhubeka kwazo lezi zinto zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu eqhubeka khona ezihlaziya, aze ngisho azifune ekushaya indiva konke okunye, azikhohlise ngokuthi angazithola. Ukuqhubeka kwazo zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu ezihlolisisa khona futhi azihlaziye, aze adlulele kude ekutheni azenzele eyakhe imibono ngazo. Ngokuphambene nalokho, lapho izinto ziba ngokoqobo, yilapho nomuntu engazinaki khona; umane azibukele phansi aze ngisho azenyanye. Ingabe lokhu akuyona indlela okufanele nibheke ngayo umsebenzi ongokoqobo engiwenzayo namuhla? Lapho izinto ezinjalo ziba ngokoqobo, yilapho nawe uqhubeka ungazithandi. Awuziphi ngisho isikhathi sokuzihlola, kodwa umane uzizibe nje; uzibukela phansi lezi ezingokoqobo, izimfuneko ezicacile futhi uze ufukamele imibono eminingi ngalo Nkulunkulu ongokoqobo nakakhulu, futhi abakwazi ukwamukela kalula ukuba ngokoqobo nokujwayeleka Kwakhe. Ngaleyo ndlela, ingabe awukholelwa ezintweni ezingacacile eziningi? Unokholo olungeke lunyakaziswe kuNkulunkulu oyinqaba wakudala, futhi awunalo ilukuluku ngoNkulunkulu wangempela wanamuhla. Lokhu akubangelwa yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo nalowo wanamuhla baphile ezinkathini ezimbili ezingafani? Ingabe akukhona yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo uphakanyisiwe ezulwini, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyindoda encane emhlabeni? Ngaphezu kwalokho, ingabe akukhona yini ngenxa yokuthi uNkulunkulu okhonzwa ngabantu yilowo owenziwe ngezindlela zakhe, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyinyama ebunjwe lapha emhlabeni? Lapho konke sekushiwo kwaphinde kwenziwa, ingabe akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wanamuhla ungokoqobo nakakhulu kangangokuthi umuntu akakwazi ukumfuna? Ngoba lokho uNkulunkulu wanamuhla akufunayo kubantu kuqondile kangangokuthi izikhathi eziningi umuntu akathandi ukukwenza futhi lokho kumenza abe namahloni. Ingabe lokhu akwenzi izinto zibe nzima kumuntu? Ingabe lokhu akumenzi ukuba abe nezibazi? Ngaleyo ndlela, abaningi abangakufuni okuyiqiniso baba yizitha zikaNkulunkulu osesimweni somuntu, babe abaphikukristu. Ingabe lokhu akulona iqiniso elisobala? Ngesikhathi esidlule, lapho uNkulunkulu esezokuba senyameni, kungenzeka nanisenkolweni noma ningamakholwa azinikele. Ngemva kokuba uNkulunkulu esebe yinyama, abaningi ababezinikele bazithola sebengabaphikukristu benganakile. Ingabe uyazi ukuthi kwenzekani lapha? Ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu, awuzinaki izinto ezingokoqobo noma awulifuni iqiniso kunalokho uzixaka ngezinto ezingamanga—ingabe lokhu akuwona yini umthombo ocacile wenzondo onayo ngoNkulunkulu osesimweni somuntu? UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa uKristu, ngakho akubona bonke abangakholelwa kuNkulunkulu osesimweni somuntu abaphikakukristu? Ngakho ingabe yilowo okholelwa futhi omthanda ngempela, uNkulunkulu osenyameni? Ingabe ngempela uyaphila, uNkulunkulu ophefumulayo ongokoqobo nakakhulu futhi nojwayelekile ngendlela emangalisayo? Uyini ngempela, ingabe uyilokho okufunayo? Ingabe isezulwini noma emhlabeni? Ingabe iwumbono noma iyiqiniso? Ingabe iwuNkulunkulu noma isidalwa esinamandla amakhulu angajwayelekile?
kwesithi “UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ukubuya kukaJesu kuyinsindiso enkulu kulabo abakwazi ukwamukela iqiniso, kodwa kulabo abangakwazi ukwamukela iqiniso, kuwuphawo lokwahlulelwa. Kumele nikhethe indlela yenu, ningahlambalazi uMoya oNgcwele futhi nenqabe iqiniso. Kumele ningabi abantu abangenalwazi futhi abakhukhumele, kodwa abantu abalalela ukuholwa uMoya oNgcwele, balangazelele futhi bafune iqiniso; ingalendlela kuphela lapho niyothola ukusizakala. Ngiyaniyala ukuthi nithathe indlela yokukholwa kuNkulunkulu ngokunakekela. Ningathathi izinqumo ngokushesha; Ngaphezu kwalokho, ningabi abantu abathatha kalula futhi abangenandaba ekukholweni kwenu kuNkulunkulu. Kumele nikwazi lokhu, okungenani, labo abakholwa kuNkulunkulu kumele bazithobe futhi bahloniphe. Labo abalizwile iqiniso nokho baziqhenya, bayiziwula futhi abanalwazi. Labo abalizwile iqiniso nokho ngokunganaki benza izinqumo ngokushesha noma balichitha bahlushwa ukuzikhukhumeza. Akekho okholwa uJesu ofanele ukuqalekisa noma ahlulele abanye. Kumele nonke nibe nengqondo futhi namukele iqiniso. Mhlawumbe, emva kokuba usuzwile ngendlela yeqiniso futhi wafunda ngezwi lokuphila, ukholwa ukuthi izwi elilodwa kwayizi-10,000 ahambisana nokukholwa kwakho neBhayibheli, ngakho kumele uqhubeke nokufuna kuleli zwi lezi-10,000 kulawa mazwi. Ngisaniluleka ukuba nizithobe, ningazethembi ngokweqile, ningaziphakamisi kakhulu. Ngezinhliziyo zenu eziphethe ukuhlonipha okuncane kakhulu kukaNkulunkulu, niyothola ukukhanya okukhulu. Uma niwahlola ngokuqaphela futhi niwacabange niphindelela la mazwi niyoqonda noma ayilo noma akalona yini iqiniso, noma ayikho noma akasikhona ukuphila. Mhlawumbe, emva kokufunda imisho embalwa, abanye abantu bazokwahlulela la mazwi ngobumpumputhe, bethi, “Lokhu akulutho kunokukhanyiselwa okuthile uMoya oNgcwele,” noma, “Lona uKristu wamanga ozokhohlisa abantu.” Labo abasho izinto ezinje, ababoni ngenxa yokungazi! Niqonda okuncane kakhulu ngomsebenzi nokuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi ngiyaniyala ukuba niqale futhi ekuqaleni! Akufanele nahlulele ngobumpumputhe amazwi akhulunywa nguNkulunkulu ngenxa yokuvela koKristu bamanga ezinsukwini zokugcina, futhi ungabi umuntu ohlambalaza uMoya oNgcwele ngoba wesaba inkohliso. Ngeke lokho kube okudabukisayo okukhulu? Uma emuva kokuhlola okukhulu usakholwa ukuthi lawa mazwi akalona iqiniso, akayona indlela, akakhona ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, uyojeziswa ekugcineni, futhi ungabi nezibusiso. Uma ungenakho ukwemukela iqiniso elinje elikhulunywe ngokusobala nokucacile kakhulu, ngakho awufanelwe yini insindiso kaNkulunkulu? Awuyena umuntu ongenayo inhlanhla yokubuyela phambi kwesihlalo sikaNkulunkulu? Ake ukucabanga lokho! Ungagagameli futhi ube namawala, futhi ungakuthathi ukukholwa kuNkulunkulu njengomdlalo. Cabanga ngenxa yesiphetho sakho, ngenxa yamathemba akho, ngenxa yempilo yakho, futhi ungadlali ngawe. Ungawamukela la mazwi?
kwesithi “Lapho Nibona Umzimba KaJesu KaMoya Kuyoba Lapho UNkulunkulu Esenze Izulu Nomhlaba Kabusha” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Labo abakholelwa kuJesu Kristu kuphela, abangakholelwa kuNkulunkulu osamuntu wanamuhla kufanele babekwe icala, bonke bangabaFarisi banamuhla, ngoba abamboni uNkulunkulu wanamuhla, bonke bayamphika uNkulunkulu. Akunandaba ukuthi bazinikele kangakanani ekukholelweni kuJesu, konke kuyize; uNkulunkulu ngeke abadumise.
kwesithi “Yazini Intando KaNkulunkulu Nizuze Ukuphelela” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Nikholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu osezulwini kodwa niphike uNkulunkulu osemhlabeni. Nokho, angiyivumi imibono yenu. Ngincoma kuphela labo bantu abathobekile futhi abakhonza uNkulunkulu osemhlabeni, hhayi labo abangamemukeli uKristu osemhlabeni. Noma ngabe laba bantu bathembeke kanjani kuNkulunkulu osezulwini, ekugcineni, ngeke baphunyuke esandleni Sami esijezisa ababi. Laba bantu bangababi; bangababi abaphikisa uNkulunkulu futhi abangakaze balalele uKristu ngentokozo. Kunjalo, inani labo lifaka nabo bonke abangazi, futhi abangamvumi uKristu. Ukholwa ukuthi ungenza ngendlela oyithandayo kuKristu, uma nje, usathembekile kuNkulunkulu osezulwini. Akunjalo! Ukungazi kwakho ngoKristu kuwukungazi ngoNkulunkulu wasezulwini futhi. Noma ngabe uthembeke kangakanani kuNkulunkulu osezulwini, kungamazwi ayize nokuzenzisa, ngokuba uNkulunkulu osemhlabeni akabalulekile kuphela ekutheni umuntu athole iqiniso kanye nolwazi olujulile, kodwa ubalulekile nakakhulu ekujeziseni umuntu emva kwalokho nokubamba amaqiniso okujezisa ababi. Ingabe uyayiqonda imiphumela ezuzisayo nelimazayo lapha? Ingabe usudlulile kukho? Nginifisela ukuthi niliqonde leli qiniso ngolunye usuku oluseduze: Ukuze nazi uNkulunkulu, akumele nazi uNkulunkulu osezulwini kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, uNkulunkulu osemhlabeni. Ningadideki ngalokho okusemqoka noma nivumele okungaphansi kwedlule okumqoka. Kungale ndlela kuphela lapho ungakwazi khona ukwakha ngeqiniso ubudlelwano obuhle noNkulunkulu, nokusondela kuNkulunkulu, futhi ulethe inhliziyo yakho eduze Kwakhe. Uma ubungowenkolo iminyaka eminingi futhi sesiside isikhathi uhlobene Nami, kepha uhlala uqhelile Kimi, Ngithi kungenxa yokuthi ujwayele ukucasula isimo sikaNkulunkulu, futhi isiphetho sakho kuyoba nzima ukubhekana naso. Uma le minyaka eminingi yokuhlobana Nami ingehlulekanga kuphela ukukuguqulela kumuntu onobuntu neqiniso, kunalokho, yagxilisa izindlela zobubi bakho emvelweni yakho, futhi awunamibono yobukhulu ephindwe kabili kunakuqala kodwa ukungangiqondisisi kwakho knakho kuphindaphindiwe, ngendlela yokuthi uze ungithathe njengomngane wakho omncane, Ngithi-ke ukuhlupheka kwakho akusekuncane nje kodwa sekungene nasemathanjeni akho uqobo. Konke okusele ukuthi ulinde ukuba kwenziwe amalungiselelo omngcwabo wakho! Awudingi ukungincenga ngaleso sikhathi ukuthi Ngibe uNkulunkulu wakho, ngoba wenze isono esifanelwe ukufa, isono esingenakuthethelelwa. Noma ngabe bengingaba nomusa kuwe, uNkulunkulu osezulwini uzophikelela nokuthatha impilo yakho, ngenxa yokuthi icala lakho esimweni sikaNkulunkulu aliyona inkinga ejwayelekile, kodwa olohlobo olunzima kakhulu. Uma sesifika isikhathi, ungangisoli ngokuthi angikutshelanga ngaphambili. Konke kubuyela ekuthini: uma uhlobene noKristu—uNkulunkulu osemhlabeni—njengomuntu ojwayelekile, okungukuthi, uma ukholwa ukuthi lo Nkulunkulu akalutho kodwa ngumuntu nje, yilapho-ke uyobhubha khona. Lesi yisexwayiso esisodwa Sami kini nonke.
kwesithi “Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.
kwesithi “UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade” encwadini ethi Izwi Livela Lisenyameni
Ungase Uthande Nalezi: iNkosi uJesu



